UMQEQESHI we-Orlando Pirates,uMilutin "Micho" Sredojevic, uxwayisa abalandeli ngengcindezi abayifaka kubadlali abona iholela ekutheni bangadlali ngokukhululeka.
UMicho ubephendula imibuzo emuva kwesigameko lapho umgadli weZimnyama uThamsanqa "Gandaganda" Gabuza egcine ethole ikhadi elibomvu iPirates ihlula iBlack Leopards ngo 2-1 kowe-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, ngoLwesibili ebusuku.
UGabuza, onyamandambana kubalandeli beZimnyama, ubhiyoze wakhumula ijezi waliphonsela abalandeli waduba ukudlala emuva kokuthi ibhola lakhe lishayise umdlali weLeopards langena phakathi abalandeli bekade bemhhewula. Ubuye esebhandishwe idolo, esewumuntu olimele.
FUNDA: Bekubukwa uGabuza
Unompempe umnike ikhadi lesibili eliphuzi emjezisela ukungabi khona enkundleni ngaphandle kwemvume nokukhumula ijezi ebhiyoza.
UMicho uthe akathandi ukwenaba kakhulu ngoba okwenzekile kungaphezu kwabo njengethimba labaqeqeshi.
"Okokuqala sibahlonipha kakhulu abalandeli bethu, siphilela bona, leli qembu elabo. Sibahlonipha sinjalo, ngifuna ukubatshela ukuthi akulula ukuba lapho sikhona, ukuba ngumqeqeshi nokuba ngumdlali ngoba kubhekwe izinto ezinkulu. Nathi singabantu. Ukweseka okuncane eqenjini kungamukeleka. Kufanele bazi ukuthi uma befaka ingcindezi eqenjini noma kubadlali abathize, bayabopheka. Lokho kuholela emaphutheni, ukuhlulwa amathuba nokutatazela nokunye okwenza singadlali ngendlela efanele," kusho uSredojevic.