AKENEME ngokuvuzisa amagoli kweqembu lakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho”Sredojevic, obona lokhu kuzobalimaza embangweni wesicoco se-Absa Premiership.
IPirates ihlule iChippa United ngo 4-2 emdlalweni weligi e-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku. Nakuba lokhu bekufanele kumthokozise, uSredojevic ngoba bekusho ukuncipha kwegebe phakathi kwabo neBidvest Wits ezihola phambili, kodwa ukucacisile ukuthi ukude nenjabulo ngendlela izinto ezenzeka ngayo kweZimnyama. Bekungokwesibili emidlalweni emibili ilandelana iPirates ingenelwa amagoli amabili. Ilande amabili ezintanjeni ngesikhathi idlala ngokulingana ngo 2-2 neHighlands Park ngoMgqibelo ebusuku.
“Umphumela awukubeki obala okwenzeke enkundleni. Ungcono kakhulu kunendlela esidlale ngayo. Kufanele sizihlole ngokujulile. Emidlalweni emibili sesishaye amagoli ayisithupha okuyinto enhle kodwa futhi kufanele sikuqaphele ukuthi ukungenelwa amagoli amane kuwukushaya into ephansi. Singenelwa amagoli futhi kuyinto ekhathazayo okufanele siyibhekisise siyiqembu. Kufanele sisebenze ngokubambisana. Inhloso yethu wukungangenelwa amagoli. Sinenkinga futhi asiyibalekeli. Sizokulungisa lokhu ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uSredojevic.
Nakuba ethembise lukhulu ngaphambi kokuqala kwesizini kodwa eZimnyama azikazuzi lutho kuze kube yimanje. Lo mqeqeshi ukuvumile ukuthi izinga labo liphansi kakhulu kunendlela abafuna ukudlala ngayo. USredojevic kufanele aqhamuke neqhinga elizokwenza iPirates iqale ngegiya eliphezulu esigabeni samaqoqo seCAF Champions League uma isibhekene neFC Platinum yaseZimbabwe KwaBulawayo ngoMgqibelo ntambama. IPirates ikleliswe kuGroup B nompetha i-Esperance yaseTunisia, Horoya yaseGuinea neFC Platinum.
“Imidlalo emibili esiyidlalile isicijele esizobhekana nakho KwaBulawayo ngoMgqibelo. Uma ubheka lokho, igxathu lokuqala emidlalweni yamaqoqo libalulekile. Liyisigxivizo salokhu ofuna ukukuzuza eqoqweni. Sine-Esperance evikela indebe, iHoroya ephume kuma-quarterfinal eqoqweni ebelikade lineMamelodi Sundowns nyakenye. Siseqoqweni elinzima. Kodwa sikholwa wukuthi kufanele yoyisithupha imidlalo esizoyidlala siyithathe njengeyamanqamu.
Sikholwa wukuthi le midlalo emibili isilungiselele kahle umdlalo wokuqala. Emuva kwezinsuku eziyisihlanu sizodlala neHoroya ekhaya.
“Siyithimba labaqeqeshi, sikholwa wukuthi sinabadlali abagqugquzelekile ukuzishiyela igama, abafuna ukukhunjulwa kwiPirates ngoba uma udlalela leli qembu unesikhathi esincane. Usebenzisa lesi sikhathi esincane ukuzuza okuthize okuzokwenza ukhunjulwe.
Sibuyela esigabeni samaqoqo emuva kweminyaka eyisithupha. Babili bathathu abadlali esikwatini sethu asebeke bakuzwa ukuthi kunjani ukuba lapho. Akufanele sibeke izaba, kufanele samukele konke esihlangana nakho.”