UNOZINTI weBidvest Wits, uBrighton Mhlongo, akadikibele ngokuphendulwa isibukeli kuleli qembu nakuba sekuyophela isizini engakaze alinuke ijezi.
UMhlongo, ozakhele igama kwi-Orlando Pirates, usayine kwiZitshudeni ekuqaleni kwesizini esuka kwiChippa
United emuva kokuhamba kukaMoeneeb Josephs oseyibamba kuMaZulu.
Bekunethemba lokuthi uzokwazi ukumisa kabi uDarren Keet ovimbela iBafana Bafana okuvela ukuthi uyahamba kwiWits njengoba kuphela isizini.
Nokho lokho akwenzekanga kwazise uKeet uyazitamuzela ijezi. Kunalokho umqeqeshi weWits, uGavin Hunt, usayinise uRicardo Goss obevimbela iKings kwiNational First Division (NFD). UGoss, ovimbe emidlalweni yeNedbank Cup, uyena osegcine ethole ithuba ngaphambi kukaMhlongo oseyibuka nabalandeli imidlalo yeWits.
“Kufanele ngiqhubeke nokusebenza kanzima, ithuba lami liyeza. Zibe khona izikhathi lapho kudingeke ngihlale ebhentshini noma ngihlale nabalandeli, ngaphinda ngalimala. Kodwa akekho engingamgxeka ngalokho.
“Ngicabanga ukuthi isikhathi sikaJehova siyisona. Ngihlala ngikholwa ukuthi ngithandaza uMdali wemilingo. Ngingahlala ezihlweleni namuhla, kusasa ngiqale umdlalo. Ngeke wazi. Okufanele ngikwenze ukubheka phansi, ngisebenze kanzima ngizithobe kungakhathaleki ukuthi yimuphi unozinti ozayo. Ngisho ungaletha * -Iker Casillas (waseSpain), noma ubani, engifuna ukukwenza wukusebenza kanzima ukuze kuhlomule iqembu,” kusho uMhlongo.
Isimo abhekene naso uMhlongo asiqali kwazise kwiPirates uqale ukuzwa ubumnandi bokuvimba njalo ngemuva kokushona kukaSenzo Meyiwa. KwiChippa United ubemiswe kabi nguDaniel Akpeyi waseNigeria osevimbela iKaizer Chiefs.
“Kusukela ngaliqala ibhola bekuhlale kunjena, ngibhekene nobunzima. Ngilwela yonke into. Lokhu kungiqinisile. Ngiyazi ukuthi kwesinye isikhathi kuyanyukela. Kodwa uma kunzima kufanele uqine nawe.
“Ngingumuntu onjalo. Kufanele ngiqine, nginqobe izimo engihlangabezana nazo. Yilokho ebengikwenza selokhu ngaqala ibhola. Akukho okungangihlula manje,” kusho uMhlongo.
I-Wits ngelinye lamaqembu asembangweni wesicoco seligi. Nakuba iphazamisekile ihlulwa emidlalweni edlule kodwa isizibuyisele endaweni efanele. IZitshudeni ziguqe ngo 1-0 kwiPirates emdlalweni weligi eBidvest Wits Stadium obungoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“Kufanele sibhekane nomdlalo ngamunye. Sithole amaphuzu abalulekile sibhekene neBloemfontein Celtic. Asifuni ukuzitshela ukuthi sekulungile. Yebo silahle amaphuzu emidlalweni edlule kodwa yibhola leli, kuyenzeka. Ngisho amaqembu amakhulu ayawalahla amaphuzu ngezikhathi ezibalulekile. Okubalulekile ukuthi ubuya kanjani. Ngiyakholelwa eqenjini lethu,” kusho uMhlongo.