KUTHIWA umelwe yinhliziyo washona uJames Small oyinkakha yamaBhokobhoko eyazakhela olukhulu ugazi kubathandi bombhoxo eNingizimu Afrika kowamanqamu weNdebe yoMhlaba ka-1995 ekinatela isidlakela esasisatshwa umhlaba wonke uJonah Lomu waseNew Zealand, naye ongasekho.
USmall akazange azakhele kuphela ugazi ngendlela eyeyisishingishane ngayo enkundleni kodwa wazithola esethandwa ikakhulukazi kwabamnyama. Ngo-1995, iNingizimu Afrika yayinonyaka ibuyiselwe emidlalweni yomhlaba ngakho-ke umbhoxo wawungekho kangako kwabamnyama. Okwenza uSmall wagqama kubona (abebala elimnyama) igama lakhe wuJames kwazise lalijwayelekile ngisho emalokishini nesibongo sakhe kunguSmall.
UJames udlule emhlabeni eneminyaka ewu-50. Izindaba zokushona kwakhe ziqinisekiswe wunina uVaunghn Small obekhuluma nephephandaba laseKapa lesiBhunu iNetwerk24.
Ngokusho kwaleli phephandaba nalo ebelingenayo iminingwane egcwele (kwazise bekusanda kwenzeka), uSmall ushonele eKapa lapho ebezosuka khona abhekise amabombo eGoli lapho ebehlala khona nendodakazi yakhe eneminyaka ewu-14 uRuby.
Udlalele amaBhokobhoko kusuka ngo-1992 kwaze kwaba u-1997. Ngaleso sikhathi ushayele iqembu lesizwe ama-try awu-20.
Ngaphandle kwamaBhokobhoko, uke wadlalela iLions (aqale kuyona iseyiTransvaal) wadlalela neSharks. Ugcine ukubonakala esedlala kwiWestern Province.