AKAKUTHATHANGA njengebhadi ukubanjwa inkunzi eyozama inhlanhla umdlali waseShowe, uLwazi “Mugabe” Mgwaba, ongomunye wabagcine beqokekwe eqenjini leNedbank Ke Yona ka-2018.
UMgwaba (19), ohlala eShayamoya, KwaMashu, uzitholele indawo nabadlali abawu-15 okubhekwe ukuthi bahlule ompetha beNedbank Cup okokuqala emlandweni. Iqembu leKe Yona lidlala nele-Absa Premiership elisuke liwine iNedbank Cup minyaka yonke.
UMgwaba ubekade esebuya okwesibili ukuzozama ukungena eqenjini leKe Yona elithakwa ngabadlali abathungathwa iNingizimu Afrika yonke ngabaqeqeshi uKhabo Zondo wodumo kwiLamontville Golden Arrows no-Ephraim “Shakes” Mashaba obekade epheka iBafana Bafana.
UMgwaba utshele leli phephandaba ukuthi izinswelaboya zimephuce konke abekuphethe ngesikhathi elibangise kwinhlolokhono yeKe Yona eGoli. Lokhu kwenzeke esiteshini sesitimela eThembalihle sekuqala ukuhwalala.
“Bangiphuce amakhokho amasha namadala, iselula yami nesikhwama sezimphahla. Bengilinde ukugibela isitimela noma yibhasi ngoba ebengizoya ngalo eGoli belihamba ebusuku ngo-10. Ngifike lapha eGoli ngingasaphethe lutho, amakhokho bengiwaboleka. Izimpahla zokugqoka bengisizwa yilezi abasinika zona lapha,” kusho uMgwaba obekungokwesibili efinyelela kwabangu-23 bokugcina. “Kodwa lokhu akungithenanga amandla. Angikuthathanga njengebhadi kodwa kungenze ngabona ukuthi kukhona okukhulu engizokuthola. Besibaningi esiteshini kodwa baqonda mina nje kuphela bangibamba inkunzi.”
IKwaZulu-Natal ishaya ngabadlali abathathu eqenjini leKe Yona. Ngaphandle kukaMgwaba, kukhona uNkanyiso Nene waseMgungundlovu oqokwe njengokaputeni weqembu noSbonelo Majozi waseMlazi. UMgwaba, ongumgadli, usemabhukwini eqembu leLamontville Golden Arrows elidlala kwiSAB League. Useke wagijima kwiKwaMashu United neKwaMashu All Stars eqeqeshwa nguTsepo Ntsoane esanda kugawulwa yizembe kwi-ABC Motsepe League. “Ngijabule kakhulu ngoba nyakenye ngingenile kwabawu-23 ngagcina ngingafikanga kwabawu-18. Kulokhu bawu-16 abebekade bedingeka. Bengishaya umgwaqo, ngijima. Abantu bebethi intombi yami yibhola, ngiyahlanya. Kodwa nakhu ukuhlanya kwami, ngingenile kwabawu-16 manje. "Okungenze ngabuya wukuthi nginephupho lokudlala kwi-Absa Premiership, ngidlale kwiBafana nakwiCAF, iNdebe yoMhlaba, naphesheya kwezilwandle uma kwenzeka,” kusho uMgwaba.
Mayelana nokubhekana nompetha beNedbank uthe, “IStars kufanele ishaye amagoli amathathu uma ifuna ukuwina umdlalo ngoba thina sizowashaya amabili noma yikanjani. Anginayo ingcindezi yokuthola isikimu ngoba ngidlala izindawo eziningi."