EMINYAKENI edlule bekunenkolelo yokuthi umdlali onekhono akajwayele ukuthi aphenduke umqeqeshi odla izicoco kodwa muva nje, lokhu kubukeka kushintsha kancane kancane.
Umgadli ophethe irekhodi lokushaya amagoli kwiBafana Bafana, uBenedict “Benni” McCarthy, ungomunye wabaqeqeshi abakukhombisile ukuthi le nkolelo kayisilo iqiniso kuyona.
Kusukela ethathe izintambo zokuqeqesha kumasizini amabili edlule kwiCape Town City, uMcCarthy usefake leli qembu kweyamanqamu kabili. Uphumelele ukunqoba owodwa futhi isiqalile nemvunge ngaye ukuthi akhushulelwe kwiBafana ngoba vele emhlabeni sekwenziwa njalo.
Ukukhula kwabaqeqeshi abebengabadlali abanohlonze yinto esiqala ukujwayeleka emhlabeni njengoba kulindeleke ukuthi izinkunzi zaseFrance iMonaco ziqashe uThiery Henry osanda kusula ekubeni yiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe laseBelgium. UHenry noMcCarthy bangabanye babadlali ababenzima kodwa asebephenduke abaqeqeshi abanzima kakhulu yize umlando ukhomba ukuthi lokhu akujwayelekile.
Baningi abanye abaqeqeshi abebengabadlali eminyakeni ecela ku-15 edlule abenza imilingo e-Europe njengoPep Guardiola weManchester City. Ayiphelile iminyaka eyishumi eqalile ukuqeqesha uGuardiola kodwa usebalwa nabanye babaqeqeshi asebehlabane kakhulu kunabo bonkengezicoco.
Ngaphandle kwalo mqeqeshi kukhona noZinedine “Zizou” Zidane waseFrance. UZizou wenza umsebenzi onzima ngesikhathi edla isicoco se-Uefa Champions League amahlandla amathathu kulandelana.
Kukhona abadlali abafana noFrank Lampard osephenduke umqeqeshi weDerby County okuyiyona ekhiphe iManchester United kwiCarabao Cup. Lapha uLampard ukhiphe uJose Mourinho abedlala ngaphansi kwakhe esikhathini esingaphansi kweminyaka emihlanu.
Naye uLampard uqashwe yileli qembu elidlala kwiChampionship yase-England sebevele besebenza abaqeqeshi abafana noSteven Gerrad inkunzi yeLiverpool. Lo mdlali useqeqesha iGlasgow Rangers edlala kwiScottish Premier League. URyan Giggs odlale iminyaka engaphezulu kwewu-20 kwiManchester United useyinhloko yabaqeqeshi eqenjini lesizwe laseWales.
Kulaba badlali abebedume ngamangwevu enkundleni kukhona noPatric Viera opheka iNice yaseFrance, Giovanni van Bronchorst weFeyenood yaseNetherlands, Diego Simeone we-Athletico Madrid yaseSpain noClerence Seedorf osanda kuqashwa yiqembu lesizwe laseCameroon.
[Sawubona mfundi weSolezwe. Sifisa ukunibonga ngokuseseka ngazo zonke izikhathi. Sifisa nazi nokuthi umbono wenu usho lukhulu kithi, yingakho sihlele ukwenza inhlolovo emfishane ukuthola kabanzi ukuthi nisajabule yini ngezindaba eniziphakelwa yiSolezwe.
Uma ungathanda ukuba yingxenye yale nhlolovo, sicela ungene kule link: http://bit.ly/2CL3JNY]