INDLELA abedangele futhi edinwe ngayo umqeqeshi waMaZulu, uBenni McCarthy, ngemuva kokwehlulwa kwezakhe yiNyasa Big Bullets emdlalweni wazo wokuqala ngqa weCaf Champions League, kudela owaziyo ukuthi ubashiye nelithini abagadli bakhe ababuyela kweyeDStv Premiership ngoLwesibili.
Usuthu lugcine luguqe ngo 1-0 kwiNyasa eshaye igoli ngesiwombe sokuqala livela kuChiukepo Msowoya oke wadlala kwi-Orlando Pirates.
NgoLwesibili ezikaMcCarthy zibuyela kweDStv Premiership neSuperSport United eJonsson Kings Park, eThekwini.
UMcCarthy uthi okwenzeke ngoLwesihlanu ebusuku bekufana nokubuka iphupho elisabisayo.
“Sidlale lonke ibhola, sakha intaha yamathuba kodwa lutho igoli. Angazi, mhlawumbe kuzoba ngcono nibuze bona abadlali abebesenkundleni ukuthi kwenzekeni. Kimi bekufana nokuthi ngibuka iphupho elisabisayo,” kusho uMcCarthy, odume umhlaba wonke ngokubhakuzisa inethi esengmdlali.
“Ubuke indlela okwenzeke ngayo okwezimbangi, abenza ngalutho. Bahlale emuva, baphosa ibhola ebhokisini baphuma negoli elilodwa,” kusho uMcCarthy.
Nakuba engalibekanga ngembaba elokungagculiseki nangonondweba nabasizi bakhe, kodwa ukubeke kwacaca ukuthi nalelo goli leNyasa bekungafanele livunywe.
“...Nakhona-ke lapho kulelo goli labo ngicabanga ukuthi kwahlulelwe ukuthi uVeli (Mothwa, unozinti woSuthu) udlaliswe kabi,” kusho uMcCarthy, obebukeka edangele.
Ukhala kufanele uMcCarthy kwazise AmaZulu bekufanele aphume okungenani namagoli amane kulo mdlalo.
Kunamagoli amabili agejwe nguSiphesiphle Maduna ngesiwombe sokuqala noPhilani Zulu ngesesibili bobabili ngokwehlunga bengaphansi kwepali.
Nokho bavele ibhola baliquvula phezu kwamapali.
UKeagan Buchanan ungene ngesiwombe sesibili walishaya kabili ipali kanti kunelinye igoli elishaywe nguTapelo Xoki kodwa alangabalwa besolwa ngokudlalisa kabi unozinti sekuya ngasekupheleni komdlalo.