OWAYENGUKAPUTENI weBafana Bafana ophethe irekhodi lokuba omncane kunabo bonke nelokumela izwe amahlandla amaningi kunabo bonke, u-Aaron “Mbazo” Mokoena, usishayele elikhulu ihlombe isinqumo seSouth African Democtratic Teachers Union (Sadtu) sokuzama ukubuyisa udumo lwezemidlalo ezikoleni.
UMokoena ngenye yezingwazi iSadtu yaKwaZulu-Natal ezilandile ukuba zizosiza emizameni yale nyunyana yokufukula ezemidlalo ezikoleni. Ngaphandle kukaMokoena bekukhona noPortia Modise wodumo kwiBanyana Banyana, Teboho Moloi wodumo kwi-Orlando Pirates neChippa United njengomqeqeshi, Thandani Ntshumayelo naye ogcine ukubonakala kwiPirates.
Esithangamini nabezindaba ngeledlule eSadtu House eThekwini, uNomarashiya Caluza ongunobhala wesifundazwe undlale izinhlelo zenyunyana lapho kuvele khona inselelo abayiphonsela uhulumeni ikakhulukazi eMnyangweni wezeMfundo nowezeMidlalo nokuNgcebeleka.
“Ukuhlangana kwethu nalezi zingwazi kungeminye yemizamo yokukhombisa uHulumeni ukuthi kumqoka kangakanani ukungabakhohlwa abasenzele okuhle. Bonke laba badlali baqala esikoleni ngakho-ke kumqoka ukuthi sisebenze ngokuhlangana nale minyango ukuze sifeze iphupho likaTata uNelson Mandela owayebalula ubumqoka bezemidlalo ikakhulukazi ezikoleni,” kusho uCaluza.
UMokoena uthe: “Bengingeke ngiliyeke ithuba ngikwazi kahle ububaluleka kokuthi izingane zidlale ezikoleni. Sonke sigcine sesaziwa wumhlaba siphuma ezindaweni ezingadumile kodwa konke kuqale esikoleni. Lapha ngeke sigcine ngokufundisa ngokwasenkundleni kepha kufanele siqinisekise ukuthi nabangeke babe nekusasa kwezemidlalo nabo bayacijwa.” .
Ngeke ishabalale le nto iSadtu esiyiqalile njengezinye izinhlelo ezihlale zindlalwa kodwa kugcine kungenzekanga lutho. Isifiso seSadtu wukuthi ezemidlalo zibuye ezikoleni njengakudala ukuze zizophinde zikhiqize abadlali abafana noMokoena nezingane zithole okuzozisusa ekubeni abantu abangenzi lutho ngaphandle kokufunda ngoba lokho kuholela ekutheni zizithole sezibhekene nezinkinga zomhlaba.