INJINI ye-Orlando Pirates, uThalente Mbatha, iveze ukuthi uJose Riveiro, oshiyayo kuleli qembu ekupheleni kwesizini, iyomkhohlwa ifile ngesandla asifake ekukhuleni kwayo kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika ngesikhathi esincane yaze yafika kwiBafana Bafana.
Ngaphambi kokuba uRiveiro abone afika ngayo ngemuva komdlalo wokugcina weBetway Premiership neMagesi FC ngoMeyi 28, unethuba lokwengeza inkomishi yesithupha ngeNedbank Cup kwiPirates eminyakeni emithathu ayihlale kuyona.
UMbatha ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi iPirates yenza amalungiselelo okugcina okubhekana neKaizer Chiefs kowamanqamu weKe Yona kusasa ngo-3.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngendlela uMbatha afika wangena khaxa ngayo esitayeleni sikaRiveiro ongazi angaphika ukuthi leli qembu lamsayinisa kungaziwa lutho ngaye ebholeni laseMzansi.
Ngaphambi kokusayina kwiPirates eyaqala ngokumboleka kwiSuperSport United maphakathi nesizini edlule, lo mdlali waKwaMashu wayengakaze ayibone inethi kweyeligi engu-29 ayidlalela leli qembu lasePitoli.
Lo mdlali osethathe neso lomqeqeshi weBafana, uHugo Broos, akazange athathe isikhathi ukubamba okufunwa uRiveiro kuyena kodwa akuqhakambisa kakhulu yindlela lo mqeqeshi waseSpain enza ngayo izinto zibelula kubona bonke.
“Angikaze ngizingabaze futhi ngangilokhu ngililindile ithuba lami ngakho-ke ngiyabonga kumqeqeshi (uJose) nethimba lakhe ngokunginika ithuba lokuziveza,” kusho uMbatha izolo eDurban North, eThekwini.
“Akukho lapho ahlala khona nathi phansi wasitshela ukuthi uyahamba engicabanga ukuthi kuyasisiza njengoba sinemidlalo emqoka okusafanele siyidlale.
“Engikuthanda ngomqeqeshi wukuthi uyinto eyodwa siwinile noma sishayiwe okwenza kube lula ukukhuluma naye ngazo zonke izinto.
“Ngiyomkhohlwa ngifile ngegalelo alifake ekukhuleni kwami kodwa okwamanje kusaduma owamanqamu weNedbank. Uma sesiyiwinile sesingabuyela ekutheni kusiphatha kanjani ukuhamba komqeqeshi engaziyo ukuthi sibaningi esikhule ngesivinini ngaphansi kwesandla sakhe."
Kusukela asayina kwiPirates uMbatha onamagoli amabili kwiBafana, useyidlalele amahlandla angu-54 wayishayela amagoli amahlanu, wakhela ozakwabo amanye amathathu.