KUNENGOMA edlisayo kulezi zinsuku ezinkundleni zemidlalo ethi: “zajika izinto, thula mntanami wena ukhalelani.”
Impela izinto zijikile ezingxoxweni phakathi kuka-Andile Jali namaqembu amabili amfunayo. Imenenja kaJali, uMike Makaab weProSport International, inkampani ephethe izindaba zikaJali, ixoxa neMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs.
ISundowns iyona ebihamba phambili kubangwa ukusayinisa uJali kodwa ibisafuna ehlise iholo. Umthombo osondelene noJali uthe iChiefs izihola phambili uma kubangwa ukusayinisa isilomo seBafana Bafana.
“Ngiyazi uzomangala kodwa njengoba ngikhuluma nawe iChiefs ibeke isicelo esingcono etafuleni. Ngiyazi kona akukholakali kodwa kunjalo. Okwamanje akukho okusasayiniwe ngoba uMakaab useBelgium ukuyolungisa indaba yekusasa likaKnowlegde Musona ofunwa yizinkunzi zaseBelgium,” kusho umthombo.
UJali usanda kunqamula inkontileka yakhe neKV Oostende. Kuleli qembu uhlale amasizini amane.
UBobby Motaung, imenenja yeqembu, uthe ngeke aphawule ngendaba kaJali.
“Okwamanje angiphawuli lutho oluphathelene nabadlali noma umqeqeshi. Ngasekupheleni kwenyanga sizokwenza isimemezelo ngabadlali. Njengamanje angiphawuli lutho, ungixolele,” kusho uMotaung.
Sibike ukuthi iSundowns ayizimisele ngokuphonsa ithawula ngoJali.
“ISundowns ifuna ukwehlula isicelo seChiefs. UPitso Mosimane, ocija iSundowns, akayizwa kahle eyokwehlulwa yiChiefs,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola uMike Makaab ayizange iphumelele kodwa uqinisekisile ngesikhathi ekhuluma noSimtho Dladla ohlelweni abalwenza bobabili olubizwa nge-Extra Time njalo ngoMsombuluko nangoLwesihlanu, ukuthi kungenzeka uJali kuphele leli sonto esenekhaya elisha.
“Ngizokwethuka impela uma kuphela leli sonto singakaqedi lutho ngekusasa likaJali. Njengamanje sinamaqembu amabili akhombisa intshisekelo yokumsayinisa. Angifuni ukuthi ngizodumala kodwa ngizokwethuka uma kuphela isonto singaqedanga lutho. Okwamanje ngisafuna ukuqeda le nto esiyiphothulayo eBelgium bese ngehla eGoli ngiqedele indaba kaJali. Ngizobe sengiza lapho ezindlini zokusakaza (eMhlanga, eThekwini) ngiqhumise ibhodlela leshampeni,” kusho uMakaab.
Ucingo lukaThulani Thuswa, wezokuxhumana kwiSundowns, belukhala lungabanjwa.