XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weMaritzburg United, u-Ernst Middendorp, uthi ukuvala ngqi emuva ikhona okubasizile ukuthi baphephe engozini yokudliwa yizembe.
I-Team of Choice ingene emdlalweni wokusonga isizini, ewudlale nomkhaya AmaZulu, idinga iphuzu ukuze ingazifaki engcupheni yokudlala kweyokuhlunga.
Emva kokungenisa amagoli amabili bedlala neSuperSport United, uMiddendorp uthe baqhamuke neqhinga elenze bagcine bebambene noSuthu ngo-0-0, baqeda endaweni ka-13 ngamaphuzu awu-30.
“Ngiyasazi isimo ukuthi besinjani ekuqaleni kukaDisemba. Emva kwemidlalo eyisithupha, besingenawo amaphuzu. Emva kweyisishiyagalombili, besinamaphuzu amabili kuphela kwawu-24 ebesesiwadlalelile. Siqede imidlalo ewu-15, okunguhhafu wesizini, sinamaphuzu ayisishiyagalolunye kuphela, kodwa manje sesiphethe isizini ngawu-30,” kusho uMiddendorp.
“Sikhethe ukungena kulo mdlalo wokugcina nezitobha ezine emuva. Bezingakhuphuki nakancane futhi zingavuli izikhala phakathi kwazo. Zidlale ngokubambisana nabadlali ababili ebesiqinise ngabo isisu.
“Ngesikhathi silungiselela uSuthu besibheke kakhulu ukuthi sidlale ngokusondelana, silekelelane, singazivuli izikhala ngasebhokisini lethu.
“Besithi sizobathola kuma-free-kick namakhona noma silinde benze amaphutha bese siyabazuma ngejubane. Siwatholile amathuba amabili noma amathathu. Ukuba sidlale ngobuhlakani phambili besizolishaya igoli, sithole nomphumela obungalindelwe muntu.
“Kodwa-ke AmaZulu enze kahle kakhulu ngokuqeda endaweni ewafaka kwiChampions League. Iwona abewuphethe umdlalo imizuzu yonke ewu-95, kodwa ekugcineni sawabamba ngo-0-0 ngenxa yokuzikhandla.”
UMiddendorp uthe kumele bazishayele ihlombe ngokutakula leli qembu emva kokuthi lihlale emsileni isikhathi eside kwisizini ka-2020/21.
“Kuyamangalisa esikwenzile. Asingenanga kwiChampions League, asisiwinanga isicoco seligi noma enye indebe. Sahlulwa ekhaya emdlalweni wokugcina womzuliswano wokuqala, sibambe ibhuleki, kodwa manje sisindile ezembeni, asidinganga nokudlala kweyokuhlunga. Kumele siziqhenye, sincome abadlali ngabakwenzile, nawo wonke umuntu odlale indima ekutheni sigcine siphumelele.”