U-ERNST “Mazinyo” Middendorp oqeqesha iKaizer Chiefs, uyabikelwa njengoba ezobhekana neZesco United yaseZambia emdlalweni weCAF Confederation Cup emlenzeni wesibili kusasa.
Umdlalo useFNB Stadium, eNasrec, ngo-8 ebusuku.
UMiddendorp uthe uyakholelwa ekutheni ezakhe zisengabuya kulo mdlalo njengoba emlenzeni wokuqala zishaywe ngo 3-1 ekuhambeni. Uthe okumenza angabuthi quthu ubuthongo abadlali beZesco abanembazo engasukumi phansi.
Ngokusho kukaMazinyo, kube yinhlanhla ukuthi babuye eZambia kungekho umdlali wakhe ophukile, njengoba abadlali beZesco babeqinisa unyawo, nonompempe owayephethe umdlalo engabalekeleli.
“Silindele umdlalo onzima. Labaya bantu bayaluqinisa unyawo. Kufanele siqaphele siqhamuke namaqhinga azokwenza ukuthi konke abakwenzayo kungezweli kithina.
“Kunomdlali kwiZesco ogqoka ijezi unombolo 6, odlala ophikweni lwesokudla emuva. Wacishe wabaqeda abadlali bami ngembazo! Ngokujwayelekile bekufanele athole amakhadi aphuzi, empeleni namathathu nje amakhadi abemfanele (esho sakubhuqa). Kodwa akatholanga nelilodwa ikhadi eliphuzi, kunalokho unondweba wayelokhu emkhuza,” kubalisa uMiddendorp ngemuva kokushaya AmaZulu ngo 3-2.
Nokho kubukeka sengathi lo mqeqeshi odabuka eGermany, usenalo iqhinga lokwehlula izitha zakhe zaseZambia.
“Konke esikwenzayo kufanele sisheshe nxa sikwenza. Amathuba uma siwathola siwavalele enethini. Ngiyafisa futhi ukukucacisa kubalandeli ukuthi asikho isidingo sokutatazela njengamanje, sisengabuya kulo mdlalo. Sinemizuzu engu-90 yokubuya, nginethemba lokuthi sizokwazi ukubuya kulo mdlalo,” kuqhuba uMiddendorp.
Kungenzeka iChiefs iye kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali abayizinsika zeqembu ngaphansi kukaMiddendorp okunguMario Booysen odlala emuva othintekile emdlalweni noSuthu noLebogang Manyama ophume esexhuga emdlalweni ofanayo.
“Kufanele sikuqaphele ukuthi kulo mdlalo wethu neZesco asidlalisi abadlali abangekho esimeni esihle ngenxa yokulimala. Sizobukisisa kahle isimo kulezi zinsuku ezimbili esinazo ngaphambi komdlalo, bese siyabona ukuthi ngabe ubani ozodlala nongeke adlale. Kulabo abangeke badlale, lokho kusho ukuthi kuzovuleka ithuba kwabanye lokuba bazibonakalise,” usho kanje uMiddendorp.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Chippa United v Maritzburg United (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm); Black Leopards v Lamontville Golden Arrows (Thohoyandou Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Polokwane City v Bidvest Wits (Old Peter Mokaba Stadium, 3.15pm); SuperSport United v Bloemfontein Celtic (Lucas Moripe Stadium, 3.15pm)