UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, iyamcika eyokunconywa kwabaqeqeshi bamaqembu esizwe ngokuqhakaza kwabadlali abasebancane, kuzitshwe izithukuthuku zabasenkulisa okuyibona abavundulula ikhono.
UMiddendorp unengcindezi yokubuyisa izinsuku zenjabulo kwiChiefs kodwa akanalo uvalo lokudlalisa abadlali abasebancane. Kunenkolelo yokuthi abaqeqeshi balaxaza abadlali abasuka enkulisa ngenxa yokuthi banengcindezi yokuwina evela kosihlalo bamaqembu ehlukene kwi-Absa Premiership.
Lokhu kunomthelela ekutheni bangabi baningi abadlali abaneminyaka engaphansi kuka-20 abathola isikimu emaqenjini ePremiership.
“Ngiyaphikisana nokuthi ubizelwe eqenjini lesizwe bese kuba khona abazitshela ukuthi sebakhe umdlali ophezulu ngalokho. Isigubhukane kukhona abazitshela ukuthi sebekwenzile,” kusho uMiddendorp.