Ezemidlalo

UMatthews ukhuza ingebhe kwabeDowns koweFifa

Mthokozisi Mncuseni|Published

NAKUBA kubukeka sengathi iMamelodi Sundowns iphonswe emphandwini wamabhubesi kwiFifa Club World Cup kodwa uTashreeq Matthews odlale isikhathi eside phesheya kwezilwandle, akasiboni isidingo sokuhlonipha kakhulu amaqembu ngenxa yamagama kumbe umlando wawo.

ISundowns esivele ise-Orlando, eFlorida, e-United States of America (USA), ngelinye lamaqembu amele i-Afrika kulo mqhudelwano okukhona kuwona i-Al Ahly yase-Egypt, Esperance de Tunis yaseTunisia neWydad Casblanca yaseMorocco.

UMatthews useke wadlala kwiBorrusia Dortmund yaseGermany efakwe neSundowns kuGroup F okukhona kuwona neHD Ulsan yaseSouth Korea neFluminense yaseBrazil.

Lo mdlali iSundowns emthole kwi-IK Sirius yaseSweden ngoJanuwari, nyakenye, ukhulume nabezindaba ngaphambi kokufulathela iNingizimu Afrika neDowns ezodlala owokuvula ne-Ulsan ngoLwesithathu e-Inter & Co Stadium, eFlorida.

Okucace enkulumweni kaMatthews ukuthi asikho isidingo sokuzenyeza uma sekuqala umqhudelwano ngenxa yamagama amaqembu abazobhekana nawo kumbe umlando wawo ebholeni.

“Okuzosisiza ukuthi sifike e-USA sidlale ngendlela esiyijwayele ngoba akukho okunye okuzosisiza,” kusho uMatthews.

“Okumnandi ukuthi asinikwe lutho ngakho-ke sinethuba lokumangaza amaqembu amaningi. Siyiqembu eliqinile okufakazelwa ukuhamba kwethu ibanga elide kwiCaf Champions League kule sizini esanda kusongwa ngakho-ke angisiboni isidingo sokuzithambisa kumbe siwahloniphe kuze kweqe amaqembu esiyobhekana nawo.

“Ngenhlanhla ngidlale isikhathi e-Europe okwenze ngafika ngabona ukuthi nabo bangabantu njengathi. Engikwaziyo ukuthi sinalo ithuba lokudlula kweyamaqoqo ngenxa yokuqina kwesikwati sethu yinqobo nje uma singaluvumeli uvalo."

Lo mdlali ukhuluma kanjena nje, ezivela eSouth Korea zikhomba ukuthi i-Ulsan ibona umdlalo wayo neSundowns njengokuyiwona enethuba lokuthola okuthile kuwona ngoba ayizethembi kwiDortmund nakwiFluminense.

Ngaphandle kweqoqo leSundowns kulo mqhudelwano, kukhona namaqembu okubalwa kuwona awase-England okuyiManchester City neChelsea, ompetha be-Uefa Champions League, iParis Saint Germain (PSG) yaseFrance neReal Madrid yaseSpain. ISundowns isivele iwufakile ephaketheni u-R170 million ngokuba yingxenye yomqhudelwano.