U-EPHRAIM “Shakes” Mashaba oke waqeqesha ngempumelelo iBafana Bafana ukhonjwe indlela kwiWitbank Spurs ebambe ibhuleki kwi-National First Division (NFD) wagigiyela isikhulu saleli qembu, uFreddy Mapulane, ngokukhuluma into engekho kumbe angayazi.
Ngokuthola kukaPotshoza, uthe angakhonjwa afika ngayo uMashaba wase ebuzwa uMapulane ukuthi yini imbangela yokuthatha isinqumo esinje isizini isivele iya ngasemaphethelweni?
Ephendula uthe: “Sihlukane kahle noMashaba nalo lonke ithimba lakhe ngaphandle kokukhushukelwa umoya. Uzame konke abengakwenza kodwa ngebhadi izinto zangavuma.”
Ephendula kulokhu, uMashaba, uvele wafa insini watshela obembuza ukuthi akakholwa ukuthi isikhulu seqembu singaphendula ngale ndlela uma sibuzwa iqiniso.
“Angazi ukuthi uqonde ukuthini uma ethi izinto azizange zivume? Yizona ziphi lezo zinto ezingavumanga? Uma lawo mazwi ephuma emlonyeni wesikhulu kufanele ashaye khona kodwa kulokhu akunjalo. Ngeke uvele uthi izinto azivumanga bese ungachazi ukuthi yizona ziphi lezo. Indlela akhuluma ngayo ayishayi khona. Kufanele ukuthi zikhona izizathu zangempela kodwa ubaleka nazo. Ngikholelwa ekutheni uzama ukuzenza muhle ngale mpendulo. Kuyangithusa-ke nokho ukuzwa ukuthi ukhuluma kanje uMapulane,” kusho lo mqeqeshi.
“Angazi ukuthi yini engizoyenza ngemuva kwalokhu kodwa okwamanje ngisekhaya. Ngisho ungavela omunye umsebenzi ngeke ngivele ngiwugxumele ngoba kusekuningi okusafanele ngikuhlaziye. Okwamnje ngicela ukuvala umlomo wami ngoba inhloso yami akukhona ukwenza abantu bangenwe yitwetwe ikakhulukazi esikhathini esifana nalesi kwisizini.”