UMGADLI osanda kushiya kwiMamelodi Sundowns ngemuva kweminyaka, uCuthbert Malajila, osekwiBlack Leopards udalule imfihlo ngokufika kwakhe eNingizimu Afrika. UMalajila obesengomunye wabadlali asebazi ukuthi bazotshelekiswa eqenjini elihlukile uma kuqala isizini uthe akanagqubu neSundowns elungisela umdlalo we-Absa Premiership neChippa United namuhla ngo-7.30 ebusuku, eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth.
Ngokwemibiko abadlali abafana noMalajila abamfuni nalapho ehambe khona uPitso Mosimane oqeqesha iSundowns ngoba bemsola ngokubaphendula omantuntanendishi amasizini wonke. Nakuba kunjalo kodwa lo mgadli waseZimbabwe uthe akanankinga nalo mqeqeshi futhi uyambonga ngokuningi.
Kulapho kuvele khona nendaba yokufika kwakhe lapho abezindaba bephambanise khona ukuthi uMalajila ufike kuleli ngoba ebonwe uMosimane.
“Cha, angikulungise lapho. Angizange ngilandwe uMosimane mina kepha ngifike kuleli ngenxa ka-Ernst Middensorp esaqeqesha iMaritzburg United. Angikusho lokhu ngoba ngimzonda uMosimane kepha akufanele anikwe izimendlela ezingamfanele,” kusho uMalajila.
Ebuzwa ngamahlebezi okungamthandisisi kahle uMosimane (yena nabanye abebebolekiswa kwiSundowns eminyakeni edlule) uthe: “Angifuni ukukhuluma ngokubi okwenzeke kimina ngikwiSundowns. Uma ungumdlali kufanele ukwamukele ukuthi uma ungadlali kusemqoka ukukhuthaza abadlalayo ngaleso sikhathi. Angikaze ngibe nenkinga noMosimane futhi naye ungambuza ukuthi bengiwumdlali onjani. Bengihlale njalo ngilindele ithuba lami ngingabuzi lutho kodwa uma ngilithola, uwufakazi uMosimane ukuthi bengilisebenzisa. Ngibonga konke ngezicoco ezinhlanu engizidle neSundowns. Akuzange nokho kungethuse lokho ngoba konke lapho bengidlala khona bengihlabana njengoba ngenzile ngibolekiswe nakwiBidvest Wits.”
ISundowns iyivule ngewini ka 2-0 iligi entsha inqoba kwiSuperSport United. Emdlalweni weChippa kubhekwe ukuthi iqhubeke lapho igcine khona kwazise iyiqale ngebatha iCAF Champions League lapho ishaywe khona ngo 2-1 eCongo-Brazaville. IChippa iqale isizini yayo ngokubambana ngo 0-0 neStellenbosch FC.