UMIKE Makaab, omunye wabantu abanamagalelo abambekayo kunobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika, ukholwa wukuthi ukuhlakaza isigungu seSouth African Football Association (Safa) yikhona okungavusa ibhola laseMzansi.
UMakaab, oseyimenenja yabadlali enkampanini, iPro-Sport International, uveze lokhu emcimbini obuseMhlanga wokwethula kwenkakha yeBanyana Banyana, u-Amanda Dlamini, njengenxusa elisha leLaureus Sports for Good Foundation SA
“Iyodwa into okumele yenzeke, akuvalwe iSafa. Ayivalwe kuqalwe kabusha phansi,” kusho uMakaab, umbona ebusweni ukuthi imvusela ushukela indaba yokubhimba kwezinto kwiSafa.
“YiSafa okufanele isolwe ngokucwila kwebhola laseNingizimu Afrika. Baqala ukulihlakaza ibhola ngo-1997 sikunombolo-18 emhlabeni. Ngaleso sikhathi ngangiwumeluleki ethimbeni labaqeqeshi. Saxoshwa sibuya kwi-1997 Fifa Confederation Cup kade sidlala nompetha bamazwekazi abayishiyagalombili. Savula ngeCzecko- Slovakia eyayibalwa namazwe aphambili ebholeni lomhlaba. Kusukela lapho umzila ubheke ezansi kwiBafana ngenxa yabantu abasebholeni ngenhloso yokufeza izinhloso zabo.”
Ngaphandle kokuba yimenenja yabadlali nokuba wumeluleki ethimbeni labaqeqeshi elaliholwa nguClive Barker, uMakaab, uke wacija iPirates ibheke kweyamanqamu e-1995 Caf Champions League lapho eyanqoba khona isiphethwe nguBibey Mutombo.
Ezintweni ezibawa nguMakaab ekuweni kwebhola laseMzansi wukushintshwa ubuthaphuthaphu kwabaqeqeshi.
Uma sebebalwa bonke abaqeqeshi asebeke bahlala ebhentshini leBafana kusuka ngo-1992 ibuyela ebholeni lamazwe ngamazwe, bangu-30.
Omunye walaba baqeqeshi uMakaab akhala ngaye nguPhilippe Trousier waseFrance.
“Ngemuva kwalokho (ekuxoshweni kukaMakaab nethimba elaliholwa nguBarker) bazoqasha uPhilip Trousier. Yizwa lana-ke, ngisengumqeqeshi wePirates ngo-1995 ngamehlula uTrousier, abalandeli beKaizer Chiefs ayeyicija baze bamdabulela amathayi emoto yakhe ngoba becikwa wukuthi ukhombisa ukungabi nandaba nebhola lethu. Yini-ke esiyenza iSafa iqashe umqeqeshi onjalo eqenjini lesizwe? Umuntu ongenandaba nebhola lethu! ongenandaba ne-Afrika!” kusho uMakaab.
Kubaqeqeshi, le nsizwa imvelaphi yayo eseNew Zealand, ibale * -Ephraim “Shakes” Mashaba, okusakhala iningi ngaye ukuthi iSafa yenzela izwe phansi imxosha.
UMashaba waxoshwa ngemuva komdlalo iBafana eyayiguqise ngo 1-0 iSenegal kuhlungelwa ukuya iFifa World Cup edlalelwa ezosongwa eRussia ngoJulayi 15.
“Ngisanda kukhuluma nomunye wabadlali bethu kwaPro-Sport (ulishilo igama kodwa ligodlelwe ukumvikela). Uyangitshela lo mdlali ukuthi bengabadlali babejabule kabi ngaphansi kukaShakes kodwa inkinga yaba wukuthi asho into ngoDanny Jordaan wase eyaxoshwa. Uthi kwabacika lokho bengabadlali futhi namanje basakholwa wukuthi ngabe bayile kwiWorld Cup ukube kwaqhutshekwa noShakes.”
UKwenzakwakhe Ngwenya, onguSihlalo wezemiqhudelwano kwiSafa KwaZulu-Natal, uthe uyabhibhidla umuntu othi akuvalwe iSafa.
“Abantu abawazi umsebenzi esiwenza kwiSafa. Bayinkinga abantu abakhuluma ngemizwa," kuphetha yena.