MTHOKOZISI MNCUSENI
ISISHOSHOVU somshushisi wePremier Soccer League (PSL), uZola Majavu, sesiqalile ukukhuculula uhide lwamacala okubhekwe ukuthi kuzoba yisiphi isiphetho sawo, nesibhekwe ngabomvu.
UMajavu, obekhuza ibuya umenyezelwe yi-PSL ngoJanuwari 5, njengozongena esikhundleni sikaNande Becker osule isigubhukane esikhundleni sokushushisa amacala ale nhlangano.
Muva nje, uMajavu obekhuluma kwi-IOL kulandela ukuqashwa kwakhe kulesi sikhundla azohlala kuso kuze kube sekupheleni kwesizini, uveze ukuthi angu-21 amacala awafice etafuleni lakhe elisha.
Lo mshushisi oseke wasebenza kwiPSL njengeChief Executive Officer (CEO), uthembise ukuwaxazulula amaningi awo ingakapheli inyanga ezayo.
Ngokusho kukaMajavu kule nkulumo, angu-11 amacala lapho omangalelwe elivuma khona icala eseqedile ngawo, kusukela eqale umsebenzi ngoDisemba.
Ngaphezulu kwalokhu, uMajavu ukholelwa ekutheni akhona amanye abukeka engaxazululeka ngokushesha yinqobo nje uma kuzobanjiswana (phakathi kwehhovisi lakhe namaqembu e-PSL).
Kuvelile nokho kule nkulumo ukuthi akhona amacala awafice elukhuni njengodaba lweKaizer Chiefs eludlulisele phambili olwayo, lokuchithwa kwesicelo sayo lapho ibicela ukuba kuhlehliswe imidlalo yayo yangoDisemba ngoba ikhala ngokuhaqwa yiCovid-19.
“Uma bonke ubufakazi obudingekayo sebusetafuleni lami, kuzophoqa ukuthi kufikwe esiphethweni ngalolu daba (lweChiefs).
“Okuningi ngisakuzwa kwabezindaba kodwa akukafinyeleli etafuleni lami, okuzoba yileso sikhathi kuphela engingakwazi ukuphawula ngalo.
“Ngizwile nokuthi iChiefs iludlulisela phambili. Uma kunjalo luyobe lungasekho ezandleni zami,” kulandisa yena kwi-IOL.
Lo mshushisi uzibophezele kwabezindaba ukuthi ngeke asichithe isikhathi ngoba inhloso yakhe wukuthi, kuthi kuqambe kusongwa isizini, abe esethethwe wonke amacala abhekene neligi.
Phakathi kwamacala okuvela imibiko yokuthi uMajavu usewaqalile, kukhona elikaMpho Makola osolwa ngokugxaza umsizi kanondweba kowamanqamu weMTN 8 owawuseThekwini, bebhekene neMamelodi Sundowns.
Okwenza leli cala libhekwe ngabomvu wukuthi lo mdlali weCape Town City ubekwa lona nje, akukona okokuqala esolwa ngesono esifanayo.
Abazithola zishisa bathi uMakola uzohlakazwa izinyanga eziyisithupha engalithinti ibhola kodwa ezine zazo zilengiswe ngesivumelwano sokuthi ngeke aphinde atholakale esephutheni elifanayo.
Kunecala elithinta yona belu iCity edlale neMaritzburg United ngaphandle kwamakhadi abadlali (okuthiwa ayentshontshiwe), sekuyela ngasemaphethelweni ngalo (njengoba womabili amaqembu evela ekomitini eliqondisa ubugwegwe namuhla).