AKEKHO umdlali ofika ezingeni likaThembinkosi Lorch okwamanje kwi-Absa Premiership.
Uma kuya ngala mazwi omqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, akufanele kumangaze uma uLorch engaba ngomunye wabadlali abagoduka nemiklomelo eminingi ngeSonto uma sekukhethwa abadlali abashaye into ecokeme kule sizini yePremier Soccer League (PSL).
Umcimbi wokuklomelisa abadlali uzobanjelwa eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngo-7 ebusuku. ULorch oyibamba esiswini kwiPirates uqokwe eminxeni emithathu lapho ebanga noThemba Zwane noHlompho Kekana beMamelodi Sundowns.
Babanga iMidfielder of the Season, Player’s Player of the Season (evotelwa abadlali) neFootballer of the Season, evotelwa ngabaqeqeshi.
Nguyena ohamba phambili ngokushayela iPirates amagoli kwiligi ngayisishiyagalolunye. Ubuye washaya amane ngesikhathi eZimnyama zifinyelela kowamanqamu weTelkom Knockout.
“Ngimfanisa nebhubesi elimbethe isikhumba somuntu uThembikosi “Nyoso” Lorch. Isizini yonke ubelokhu eyisibonelo esihle, esihola umdlalo nomdlalo. Kwesinye isikhathi besize sizibuze ukuthi uwuthathaphi umfutho omngaka kulo mzimba anawo.
“Ngale kokubukela phansi abanye abadlali bami kodwa lapha ngikholwa wukuthi nguyena umdlali ohambe phambili kule sizini futhi nguyena obashaya bonke eNingizimu Afrika okwamanje. Ngimfisela ukudlondlobala nangesizini ezayo. Wonke umdlali ulikhuphulile izinga kodwa uLorch ubashiye ngamamayela,” kusho uSredojevic.
ULorch uthe kumphatha kabuhlungu ukuthi ngemuva kokulwa kangaka kule sizini kodwa iqembu liqede lingenalutho elikuzuzile.
“Ngijabule ngendlela iqembu elilwe ngayo kule sizini. Ngibonga kubaqeqeshi, ozakwethu nakubalandeli abebelokhu bewa bevuka nathi. Okubuhlungu wukuthi akukho esikuphethe ngoba abantu bakwehlulela ngokuzuzile kodwa ke ngijabule ngeqembu lami,” kusho uLorch ojoyine iPirates ngo-2017 esukwa kwiChippa United.