KULINDELEKE ukuthi aqale ngenyanga ezayo ukuziqeqesha naMaZulu FC umgadli omusha waleli qembu odabuka e-Argentina.
Leli phephandaba like labika phambilini ukuthi Usuthu lusayinise u-Emiliano Tade obeyibamba kwi-Auckland City eNew Zealand.
Lo mdlali uzofika eNingizimu Afrika egabe ngerekhodi lamagoli angaphezulu kuka-100 emidlalweni engu-162 ayidlalele iCity.
UBrilliant Mkhathini okhulumela AmaZulu uqinisekisile ukuthi sebeqede konke nalo mdlali osayine inkontileka yeminyaka emithathu.
“Uzofika ekupheleni kwenyanga bese eqala ukuziqeqesha neqembu ngenyanga ezayo. Iqembu lona liqale amalungiselelo esizini entsha ngoMsombuluko,” kusho uMkhathini.
UTade uzobanga indawo nenkakha uSiyabonga Nomvethe, Mabhuti Khenyeza, Mhlengi Cele noRhulani Manzini.
UMkhathini ubuye waqinisekisa ukuthi uThembela Sikhakhane we-Orlando Pirates uzophinde abolekiswe kuMaZulu isizini eyodwa.
Unozinti uMoeneeb Josephs noNhlanhla Vilakazi abasayine iminyaka emithathu ngokwehlukana bona baqale eqenjini.
UMenzi Ndwandwe noSikhumbuzo Mazibuko abebebolekisiwe bakhululiwe eqenjini. UNjabulo Manqana noNkanyiso Zungu bajima noSuthu ngesikhathi kusadingidwa ngekusasa labo.
AmaZulu aqala amalungiselelo nje asanabheke nesinqumo sasenkantolo secala le-Ajax efuna kuguqulwe isinqumo sikamehluleli weSafa, uWilliam Mukhari owayigweba ngokudlalisa uTendai Ndoro kungafanele.
I-Ajax yaphucwa amaphuzu ase enikezwa amaqembu adlala nayo, okukhona neSuperSport United egcine igudluze Usuthu kwiTop 8.
Okukhalelwa i-Ajax naMaZulu wukuthi kwakungafanele amaphuzu aphucwe i-Ajax anikezwe izimbangi.
Elinye iqembu elahlomula ngamaphuzu iPlatinum Stars okuyiyona egcina idlale emidlalweni yokuhlunga esikhundleni se-Ajax. IStars igulwe yizembe njengoba isizogijima kwiNational First Division. Kuthiwa isizobizwa ngoMoya Cape United ngemuva kokufudukela eKapa.