UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, wazi kahle ukuthi umsebenzi wakhe usengcupheni uma ehluleka ukunqoba koweCastle Lager Rugby Championship neNew Zealand kusasa ngo-9.35 ekuseni eRegional Stadium, eWellington.
Lokhu kushiwo uyena uqobo lo mqeqeshi ekuqaleni kwesonto. Ezeseka uthe uya kulo mdlalo esuka esibhaxwini imidlalo emibili ilandelana. Ngokusho kwakhe le midlalo emibili ahlulwe kuyona yi-Argentina ne-Australia ekuhambeni bekungafanele bawalahle amaphuzu kuyona osekwenze umsebenzi wakhe waba sengcupheni.
Yize amaBhokobhoko eya kulo mdlalo esuka esibhaxwini, inkinga enkulu wukuthi ayazi ukuthi athole isibhaxu sika 57-0 ngesikhathi egcina ukuvakashela ama-All Blacks. Kugcine ngo-2009 ukuthi amaBhokobhoko anqobe kwiNew Zealand eNew Zealand. Ngaleso sikhathi ayesaqeqeshwa uPeter de Villiers.
Lo mqeqeshi uthe yize ethathe lo msebenzi ngoMashi kodwa uma bengathola isibhaxu esifanayo nesitholwe amaBhokobhoko egcina ukuya eNew Zeland ukholwa wukuthi ibhantshi lizogcwala umoya.
“Uma singawunqoba lo mdlalo kuzovuseleleka umdlandla kuwo wonke umuntu. Uzozwa abanye bazoqala bathiphe thina kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo kodwa uma singahlulwa, indaba izobhekana nami ngqo. Kungenzeka ngikhonjwe engafika ngayo,” kusho u-Erasmus.
Uzwakalise ukuthi lokhu akushoyo akakususeli emoyeni kepha uyazi ukuthi abathandi bombhoxo eNingizimu Afrika badinwe kanjani njengoba iqembu labo selishaywe kabili kulandelana lahlehla nasekuklelisweni emhlabeni lahlala endaweni yesikhombisa.
“Obekumqoka kimina ukuthi ngibeke iqembu lesizwe ezingeni elingcono kunaleli engilithathe likulo. Ngeneme ngalokhu futhi bekungeke kungithokozise ukulanda inqwaba yabadlali abangeke babe khona kwiNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo ngoba ngifuna ukuwina,” kusho yena.
Uthe uzoqinisekisa ukuthi uyaqhubeka nokufaka abadlali bebala elimnyama ngoba ukholwa wukuthi iqembu lesizwe kumele libafake bonke abantu abakhona ezweni inqobo nje uma ithalente likhona. Ukuqinisekisile lokhu ngokuthi aqhubeke noSiyamthanda Kolisi njengokaputeni nakulo mdlalo wakusasa.
“Ngisho ngabe ngikhona noma angikho kodwa umqeqeshi ozoya nathi kwiNdebe yoMhlaba kumele aqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika imelekile eqenjini. Ngokumeleka ngisho ukuthi zonke izinhlanga ezikhona zifakwe kodwa konke lokhu kwenziwe ngokuqoka ithalente. Kumele kube abadlali abakwaziyo ukuya empini namazwe afana ne-Australia neNew Zealand engikholwa wukuthi sinawo amava okuyishayela ekhaya.”
UJesse Kriel uzovala indawo kaMakazole Mapimpi olimele.
Kubhekwe amaBhokobhoko nje, luyaqhubeka ushikishi lweCurrie Cup njengoba imidlalo izobe ithe chithi saka kusukela namuhla.
Isiyonke eyeCurrie Cup imi kanje:
Namuhla:
Vodacom Bulls v iCOLLEGE Pumas (Loftus Versfeld, 7pm).
Kusasa:
Xerox Golden Lions XV v DHL Western Province (Emirates Airlines Park, 3pm); Tafel Lager Griquas v Toyota Free State XV (Tafel Lager Park, 5.15pm).