UMQEQESH weLamontville Golden Arrows, uClinton Larsen, ufisa ukuthi isibabuli sakhe uKudakwashe Mahachi, singaphenduki ukudla kwebhentshi kwi-Orlando Pirates esizoyijoyina ekuqaleni kwesizini ka-2018/2019.
ULarsen uphinde wahola i-Arrows wayifaka kwiMTN 8. Uzoqala isizini yakhe yesithathu kuBafana Be’sthende ngaphandle kukaMahachi obekuvele kwaziwa ukuthi usayine inkontileka yesibambiso neZimnyama ngoJuni. ULarsen uqokwe njengomqeqeshi ovelele ngoMeyi.
Umgadli waBafana Bes’thende uLerato Lamola ugoduke nomklomelo womdlali ovelele kule nyanga. Igoli elihambe phambili kuMeyi elikaBernard Parker weKaizer Chiefs. Abadle ubhedu kwi-Absa Premiership ngoMeyi bamenyezelwe esithangamini nabezindaba emahhovisi ePremier Soccer League (PSL) izolo emini.
ULarsen uthe nakuba bekhona abadlali abasebancane abethembisayo kodwa kuzoba lukhuni ukuvala isikhala sikaMahachi asebenze naye kusukela efika kwi-Arrows ebolekiswe yiMamelodi Sundowns. Uthe ufisa adlale njalo kwiPirates njengoba yena kade embophela kuyo yonke imidlalo.
“Ngisebenze noMahachi amasizini amathathu, sisebenze ngokuzwana okukhulu. Sizomkhumbula ngoba ubebalulekile kulokhu esikwakhayo eqenjini. Ngimfisela konke okuhle, ihlabene iPirates. Ngifisa ukuthi athole ithuba lokudlala njengoba kade elithola kwi-Arrows ngoba kula maqembu amakhulu asikho isiqiniseko sokuthola ijezi. Ngifisa ukuthi adlale njalo ngoba ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi kumfanele lokho,” kusho uLarsen.
“Kunzima ukuvala isikhala sakhe. Kodwa bakhona abadlali abasebancane abafana noNdwandwe (Velemseni) ofike kwezwakala kwiligi noSiboniso Nconco engicabanga ukuthi bazoba nendima enkulu abazoyikhathula ngesizini ezayo. Sinomakadebona uDanny Venter odlala izindawo ezihlukene. Nginethemba lokuthi omunye wabo uzokwazi ukuvala isikhala esishiywe nguMahachi.”
ULarsen uthole umklomelo i-Coach of the Month okwesibili kule sizini. Uhlabane ngo-Agasti/Septhemba nyakenye. Lokho kwenzeke ngesikhathi i-Arrows isahambela phezulu, ishaya kwasani.
“Kungokokuqala kimina ukuthola umklomelo iCoach of the Month kabili ngesizini eyodwa. Sengake ngayithola kodwa kwaba eyodwa kumasizini ayisishiyagalombili. Le sizini edlule beyingaqondakali. Siqale kahle neBaroka, sahlala phezulu. Emuva kwemidlalo engu-10, ekuqaleni angikushongo lokhu ngoba bekuzozwakala sengathi ngibeka izaba, kodwa silahlekelwe nguDanny Phiri, Mahachi noNonyane (Lehlohonolo) ngenxa yokulimala kwesikhathi eside,” kusho uLarsen.
“Eqenjini elincane njenge-Arrows kuyezwela lokho. Kuvula imbobo enkulu. Ngesikhathi bengekho bekunzima ukuthola imiphumela kodwa emuva kokuthi sebebuyile, sekusele imidlalo eyisishiyagalolunye, sonke siyazi ukuthi kwenzekeni. Siqalile sawina, ngathola lo mklomelo. Kuyakhombisa ukuthi amava abalulekile eqenjini. Ngiyajabula ukuthi siqede ngegiya eliphezulu.”