KUYE kuthiwe ukuba nengcindezi ngenye yezinto ezikwenza usheshe uguge isikhathi sakho singakafiki.
Ibhola wumdlalo ohambisana nengcindezi eyisimanga njengoba kuhlezi kubhekwe imiphumela emihle ikakhulukazi esigabeni esikhokhelayo.
Umqeqeshi weChippa United, uClinton Larsen, nabadlali bakhe bazithole bebhekene nengcindezi eyisimanga ngesizini edlule bevika izembe, kwaze kwafika imidlalo yokugcina.
Ngemuva kokusindisa i-United ekuweleni ehlathini, uLarsen ufunge wagomela ukuthi akafuni ukuphinde azithole ebhekene nenkinga yokuvika izembe. Njengoba kulungiselelwa isizini entsha uthe ngeke afake abadlali bakhe ingcindezi ngokubeka imibandela ngesizini ezoqala.
Uthe abadlali bakhe babe nengcindezi ngokwanele ngesizini ephelile kulokhu ufuna badlale ngokukhululeka.
IChippa isisayine uDiamond Thopola obekwi-Orlando Pirates, unozinti uPatrick Tignyemb ohlukane neBloemfontein Celtic, Meshack Maphangule, Lehlogonolo Masalesa nomgadli waseNigeria u-Augstine Kwen.
“Ngemuva kokuthi sibe nesizini enengcindezi ngaleya ndlela, ayikho imibandela esizoyibeka. Ngifuna abadlali bami badlale ngokukhululeka ngale kokuthi bahlalelwe yimibandela ethile,” kusho uLarsen osesayine inkontileka yeminyaka emibili.
Nokho uthe uyabethemba abadlali abasayinisile ukuthi bazolisiza iqembu lenze kangcono kunangesizini edlue. IChilli Boys igcine iqede endaweni ka-12 kwi-log yakwazi ukuvika imidlalo yokuhlunga.
“Obekubalulekile kakhulu kimina wukuthi ngigcine iningi labadlali abenze kahle ngesizini edlule. Ngijabule ngokuthi basekhona abadlali abanjengoKurt Lentjies, Thabo Rakhale, oManzini (Lerato noRhulani) noWilliam Twala. Laba abafikayo bazogcwalisa kulokhu okukhona. Umdlali ofana noTignyemb ngike ngasebenza naye. Ungunozinti omuhle, uhlezi ebalwa nabenze kahle kwisizini. Besimdinga umdlali osezingeni lakhe. UThopola naye uke wadlala eqenjini futhi besidinga ukuvala isikhathi sikaGladwin Shitolo. Ngiyakholwa ukuthi kulokhu sizokwazi ukuncintisana namanye amaqembu,” kusho uLarsen.
Uveze ukuthi abakaqedi ukusayinisa njengoba kunabadlali ababili bangabaphandle athe bazobethula maduze.
Kubadlali abahambile kwiChippa kukhona uMark Mayambela, Mbongeni Mzimela, Bangaly Keita noDonashano Malama.
IChippa esekhempini amasonto amathathu, izoya eKapa lapho izoba nemidlalo yobungani ne-Ajax Cape Town, Cape Town City, Steenburg United, neCape Umoya.