ULANDELE umyalelo kayise eshiya iMaritzburg United umdlali wasesiswini uLebohang Maboe osayine kwiMamelodi Sundowns kukade kuthiwa akadayisi.
UMaboe uyindodana kaSidwell Maboe owayengumgadli we-Orlando Pirates eminyakeni edlule. Uvumbuke kwiSundowns phezu kokuthi usihlalo weTeam of Choice, uFarook Kadodia, ekade elimise ngesihloko elokuthi uzobagcina bonke abadlali bakhe abasize leli qembu lafinyelela kowamanqamu weNedbank Cup. Omunye umdlali weMaritzburg obekade efunwa yiSundowns nguSiphesihle Ndlovu. UKadodia uphumele obala ngokuthi ingcindezi abhekane nayo ngokugcina uLebohang kade isingaphezu kwakhe, lwagcina lugobile uphondo.
“Ubaba uyigxenye ebaluleke kakhulu ebholeni lami. Konke engikwenzayo ngikukhuluma naye kuqala. Ngibuza ukuthi kuwubuhlakani yini ukwenza okuthize. Uyangibonisa ngoba useke wayikhathula le ndima. Uyangiphikisa uma ebona kungasona isinqumo esifanele. Bekukade sekuphele isonto kuxoxwa. Usihlalo ungibizile wangitshela ngamaqembu angifunayo, wangibuza ukuthi ngicabangani,” kusho uMaboe.
“Ngicabanga ukuthi kade sekuyisikhathi esifanele sokuthi ngiye kwelinye iqembu. ISundowns iyiqembu elikhulu. Elinye lamaphupho ethu kwiMaritzburg bekuwukudlala kwiCaf Champions League kule sizini okuyinto engenzekanga. Ngakho ngibone ukuthi ukuhlala kwami enye isizini khona kuzosho ukuhlala enye isizini ngingayidlali iCAF.Yingakho ngiqoke ukujoyina iSundowns. Bekuvele kuyiphupho lami ukudlalela elinye lamaqembu amakhulu eMzansi. Ubaba ubengathanda ukuthi ngidlalele iqembu ayelidlalela kodwa ngebhadi akukhona lapho ebengifuna ukuya khona.”
Umqeqeshi weSundowns,uPitso Mosimane, umangele ngokushesha ukungena esitayeleni seSundowns kukaMaboe. Iningi labadlali abajoyine iSundowns besuka kwiMaritzburg bathwale kanzima ukuzibekisela indawo esikimini.Kulaba badlali kukhona uMusa Nyatama oseyisethenjwa se-Orlando Pirates.ULebohang usevele uzifake ezinhliziyweni zabalandeli beSundowns kwazise ushaye igoli ngesikhathi ezakhe zihlula iPolokwane City ngo 2-0 ngoLwesibili ebusuku kowe-Absa Premiership.
UMaboe kulindeleke ukuthi aqhubeke nefomu yakhe uma iSundowns isibhekene neLamontville Golden Arrows emdlalweni weMTN8 onamuhla eLucas Moripe Stadium ngo-3 ntambama.
“Kuyiphupho lawo wonke umdlali ukuqala kahle eqenjini elisha. Abadlali nomqeqeshi bangisizile ekutheni ngizinze ngokushesha, ngashaya igoli. Kukhombisa ukuzethemba enginakho nokuthembela kimina komqeqeshi. Bekufanele ngenze engikwaziyo, ngidlale ibhola engilaziyo.Lokho kungisebenzele,”kusho uMaboe.
“Sinesikwati esiqinile singakwazi ukumelana nayo yonke imidlalo ephambi kwethu. Siyazi ukuthi ngeke kube lula ukubhekana ne-Arrows.Siyazi ukuthi isebenza kanzima. Uma singazinikele, ngeke siwine. Sonke kufanele sigxilise imiqondo yethu, sisebenzele ukuwina.”