KUMQINISA idolo ukwethenjwa ngumqeqeshi umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uLebo Manyama, osedlaliswa ezindaweni ezahlukene enkundleni.
UManyama usayine kwiChiefs ekuqaleni kwesizini kodwa izinto zangamhambela kahle ngaphansi komqeqeshi osehambile, uGiovani Solinas. Ngesikhathi esekhombisa ukungena egiyeni wehlelwe yingozi yemoto.
Ngaphansi komqeqeshi omusha, u-Ernst Middendorp, uManyama ubukeka engomunye wabadlali abazoyithola indawo. Emidlalweni emithathu ngaphansi kwalo mqeqeshi waseGermany, iChiefs ayikahlulwa. Ihlule iSuperSport United kowe-Absa Premiership, yahlula i-Elgeco Plus yaseMadagascar emilenzeni emibili emqhudelwaneni weCAF Confederation Cup. Kule midlalo uManyama, obuye abe ngumgadli, ubedlala maphakathi nenkundla.
“Sengidlale izindawo eziningi ebholeni. Ngiyakholwa ukuthi uma wenza konke okufanele kuleyo ndawo kuba lula. Ngaphezu kwalokho kubalulekile ukuthatha imiyalelo kumqeqeshi ngoba ekugcineni uyena onezwi lokugcina. Okwenza ngiyithokozele indawo entsha engidlala kuyona ukuthi ngiyamlalela umqeqeshi futhi konke kusahamba kahle. Imidlalo enzima iyona ezosho ukuthi ngiyakhula yini kule ndawo. Okubalulekile ukungena enkundleni ngisebenze. Uma umqeqeshi ekholelwa kimina njengoba enza manje, kwenza izinto zibe lula. Nozakwethu bayangisiza ikakhulukazi asebeyidlale isikhathi eside le ndawo,” kusho uManyama.
IChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni wePremiership eFNB Stadium kusasa ngo-3.30 ntambama. Amakhosi azama ukucosha amaphuzu azokwenza anyuke kwi-log yePremiership.
ISundowns ayikaze ihlulwe emidlalweni yeligi kusukela kuqale isizini ka-2018/2019.
“Abantu bazothi amaqembu esisadlale nawo awaqinile kangakho ngaphandle kweSuperSport kodwa bekufanele siwine ukuze sizobhukuda nezingwenya. Ukuzethemba kubadlali kuphezulu. Emidlalweni emithathu edlule iqembu likhombise ukuba ngcono kakhulu, sakhombisa ikhono esinalo eqenjini. Ngihlale ngikholwa ukuthi uma unomshayeli ofanele ibhasi liya endaweni efanele. Kufanele sigxilise imiqondo yethu kwiSundowns ngoba izoba yisivivinyo esinzima,” kusho uManyama.
Amehlo azophinde ahlale kuKhama Billiat noLeonardo Castro abadlale ndawonye kwiSundowns.
“UBilliat noCastro siyakwazi abakwenza kwiSundowns. Manje sebelapha, ngeke ukuqhathanise. Banekhono, iSundowns iyabazi. Nathi kufanele sizame ukubasiza ngoba imidlalo enjena iphenduka ibe ngeyabadlali abathize,” kusho uManyama.
“Siyakholelwa kubona kodwa ekugcineni kuzoba ngokuzokwenziwa yithina sonke ngemuva kwabo.”
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla: Chippa United v Bloemfontein Celtic (Sisa Dukashe Stadium, 8pm)
Kusasa: Kaizer Chiefs v Mamelodi Sundowns (FNB Stadium, 3.30pm); Polokwane City v AmaZulu FC (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Bidvest Wits (Goble Stadium, 6pm); SuperSport United v Cape Town City (Lucas Moripe Stadium, 8.15pm); Highlands Park v Orlando Pirates (Makhulong Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Lamontville Golden Arrows v Maritzburg United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm); Baroka FC v Black Leopards (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm)