U-STEVE “Mphathi” Komphela opheka iLamontville Golden Arrows, uzithatha njengenkunzi emdwayidwa engeke ivumele imizwa yayo iyiphazamise emsebenzini wayo uma isibheke neqembu ebilipheka iBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership ngeSonto, eDr Molemela Stadium.
Emdlalweni wakhe wokuqala njengomqeqeshi waBafana Bes’thende, uKomphela ushaye iMaritzburg United ngo 2-0, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngempelasonto.
Amagoli e-Arrows avalelwe phakathi uKnox Mutizwa no-João Moreira. Nakuba konke muva nje sekubukeka kuhamba kahle kwi-Arrows, abathandi bakanobhutshuzwayo kuleli abakakhohlwa ukwesula kukaKomphela isigubhukane kwiSiwelele. Okwenza kube nzima ukukhohlwa ukwesula kukaKomphela, ukuphutshuka kwemibiko ethi, lo mqeqeshi oshiye sekukubi kwiKaizer Chiefs, ubekhokhela inqwaba yezidingo kwiCeltic esenkingeni yemali, nabadlali bengakhokhelwa imiholo nemihlomulo yabo.
Nakuba uKomphela ehlezi eshumayela ivangeli lokuthi ibhola lezinyawo ulithanda ngenhliziyo yakhe yonke futhi akukho okuyomhlukanisa nalo kodwa ukubuyela eqenjini lakhe elidala alishiye emasontweni ambalwa edlule akuzoba neze yinto elula.
Noma kunjalo, uKomphela uthe yena uzoya eBloemfontein ngenhloso eyodwa “ukuyokwenza umsebenzi wami kuphela."
“Ngizoya lapha ngiyosebenza. Akufanele nakancane uma ungumsebenzi uvumele imizwa yakho kube iyona ekulawulayo. Kufanele sifunde ukuthi uma kujatshulwe siziphatha ngendlela efanayo, kuthi noma kunzima siphinde siziphathe ngendlela efanayo. Akufanele sizwele nxa kungasavumi, noma sishintshe ukwenza ngoba nakhu izimo sezingasasivumi. Engizama ukukusho ukuthi ngizoya eBloemfontein ngenze umsebenzi engiwuqashelwe kwi-Arrows,” usho kanje.
Akakufihlanga nokho uKomphela ukuthi nakuba eqale kahle ngamaphuzu amathathu kodwa iyamkhathaza indaba yokulinyalelwa unozinti wakhe, uMaximilian Mbaeva, olimale ekhaleni, wayohlinzwa. Lokhu kushiya uKomphela nephini lakhe uMandla Ncikazi nonozinti ababili okunguNkosingiphile Gumede noSherwyn Naicker.
“Akwehli kahle ukulimala kukaMbaeva ngoba kusishiya nonozinti ababili. Sizoyibhunga kahle eyokuthi ngabe senzanjani kulesi simo, noma sikhuphula omunye wonozinti abavimba emaqenjini ethu aphansi. Lezo zingxoxo sizoqhubeka ngazo sibhekisise isinqumo esizosiyisa phambili,” usho kanje uKomphela.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla: Orlando Pirates v Chippa United (Orlando Stadium, 7.30pm)
Kusasa: Bidvest Wits v Kaizer Chiefs (Bidvest Stadium, 7.30pm); Maritzburg United v Free State State Stars (Harry Gwala Stadium, 7.30pm)
NgoMgqibelo: Black Leopards v SuperSport United (New Peter Mokaba Stadium, 3,30pm); Cape Town City v Baroka FC (Cape Town Stadium, 8.15pm); AmaZulu FC v Highlands Park (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Lamontville Golden Arrows (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)