UMQEQESHI weBloemfontein Celtic, uSteve Komphela, uthandazela ukuthi impumelelo yeqembu ingabangeni emakhanda abadlali bakhe abona kungaphazamisa umgqigqo abaqale ngawo isizini ka-2017/2018.
UKomphela ukhale wemuka nomklomelo womqeqeshi ovelele ka-Agasti, i-Absa Premiership Coach of The Month, nokungokuwokuqala kule sizini. Umdlali wasemuva wePhunya Selesele, u-Alfred Ndengane, uwine umklomelo womdlali ovelele ka-Agasti, i-Absa Premiership Player of The Month.
Banyezelwe esithangamini nabezindaba emahhovisi ePremier Soccer League (PSL),eParktown, eGoli, izolo.
UKomphela, osule kwiKaizer Chiefs sekukubi ngenxa yokuphikwa yimiphumela ngaselupheleni kwesizini edlule, akayazi induku kusukela efike eBlomfontein.
Emidlalweni eyisihlanu, iCeltic iwine emine yadlala ngokulingana kowodwa nebuye kuwona isihlulwa ngo 2-0 yiKaizer Chiefs, kwagcina kuwu 2-2 eFNB Stadium emasontweni edlule.
"Ngiyabonga ngokunikwa umklomelo. Kodwa akukwazi ukuba nemiklomelo yomuntu ngayedwa ngaphandle kokusebenza ngokubambisana nabanye. Ukuba bekungekhona ukwesekwa ngabaphathi, abasebenza ngaphakathi eqenjini nabadlali, angicabangi ukuthi ngabe ngibamele kanjena. Ngabe omunye umuntu.
"Okufanele umuntu akuqaphele ukuthi emuva kokunconywa noma ukuthola umklomelo uyaqhubeka nokusebenza. Kwesinye isikhathi uma usujwayele unethezeka kuze kweqe uyazikhukhumeza bese liyehla izinga. Ngethemba ukuthi le miklomelo ngeke ilethe ukunethezeka okungaholela ekutheni singazimiseli ngomsebenzi wethu futhi," kusho uKomphela.
UMQEQESHI weBloemfontein Celtic uSteve Komphele obe umqeqeshi ovelele ngenyanga ka-Agasti. Isithombe: Muzi Ntombela/BackpagePix
"Indlela yokuhlala unogqozi lokuphumelela, wukuthi uhlala unogqozi lokulungiselela. Nakuba amalungiselelo ethu (okuqala kwesizini) enganywe yizinkinga, belukhona ugqozi nokuzinikela ngokuthi sifuna ukuzuza. Lokhu bekungekho kimina kuphela kodwa kubantu abasebenza eqenjini, ithimba labaqeqeshi uSeema (Lehlohonolo) Maduka (John), imenenja nawo wonke umuntu kwiCeltic. Siyawamukela umklomelo ngethemba lokuthi uzogqugquzela wonke umuntu osebenze kanzima kusukela ngoJuni 20 ngifika kwiCeltic."