UFUNA ukuqinisa udonga lwezakhe umqeqeshi we-Lamontville Golden Arrows uSteve Komphela.
UKomphela usho lokhu izolo kwethulwa iKwaZulu-Natal Premier’s Cup eMoses Mabhida Stadium. Imidlalo iphakathi kwamaqembu ayisikhombisa aKwaZulu-Natal ayibamba kwiPremier Soccer League, okuyi-Arrows, AmaZulu FC, Uthongathi, Maritzburg United, Real Kings, Royal Eagles neRichards Bay FC. Izoba sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoJulayi 27 okuzobe kuyimidlalo yokuhlunga. NgoJulayi kuzodlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza isigaba semidlalo eyandulela owamanqamu nowamanqamu.
Abafana Bes’thende abakabi mandla emakethe yokusayinisa abadlali njengoba kuvaliwe. EzikaKomphela zisabuyise uGladwin Shitolo oke wagijima kuleli qembu phambilini.
“Ngicabanga ukuthi sinenkinga maphakathi emuva. Singenelwe amagoli amaningi abeqhamuka maphakathi futhi besihluleka ukuvala amabhola emoyeni. Sekuzoba kubi kakhulu njengoba kuhambe * (Limbikani) Mzava, kumele siyilungise leyo nkinga. Esiswini sibatholile abazovala into engikakhathaza kakhulu wudonga,” kusho uKomphela.
Ngale kokuxega kodonga i-Arrows ayiqinile nakonozinti njengoba uNkosingiphile Gumede benoMaximilian Mbaeva benamaphutha.
Ebuzwa uKomphela ukuthi unazo izinhlelo zokuqinisa le ndawo, uthe: "(Nabo) bayingxenye yodonga futhi ngicabanga ukuthi sizokwazi ukuthola isisombululo kodwa sizobona ukuthi lokho kuzohamba kufike kuphi.”
Exinwa ngokuthi ngabe bayambheka unozinti akazange afune ukuphumela obala ngaphandle kokugcizelela elokuthi unaso isixazululo.
Ngesizini edlule i-Arrows igcine iqede ngaphandle kweTop 8. UKomphela uthe kusenzima ukusho ukuthi yikuphi abazimisele ngakho kwisizini etsha ngoba basalihlanganisa iqembu.
“Ongakusho okwamanje ngabe kungamanga njengoba sisesesigabeni sokuzicija. Imidlalo emibili noma emithathu yokuqala kwesizini yiyona ezosikhombisa ukuthi sibheke kuphi kodwa okusemqoka wukuwina umdlalo esiwudlalayo.”
Ngesikhathi kuqhathwa amaqembu i-Arrows itonyulwe njengeqembu elizokweqiwa yimidlalo yokuhlunga okusho ukuthi izoze idlale kweyandulela owamanqamu ngeSonto ngo-9 ekuseni.
Izobhekana nozowina phakathi koThongathi naMaZulu FC abazodlala kowokuqala wokuhlunga eMagogo ngo-11 ekuseni.
IRichards Bay izobhekana neReal Kings ngo-1 ntambama kuthi i-Eagles ithuthane neMaritzburg United ngo-3 ntambama.