UBUNZIMA bemidlalo esalele wonke amaqembu afuna ukuzuza okuthile kule sizini ye-Absa Premiership, esiyela ngasemaphethelweni, bumqinisa idolo ngamathuba okuqeda kwiTop 8 umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uSteve “Mphathi” Komphela.
UKomphela ukusho lokhu eqeda ukucazelana ngamaphuzu naMaZulu emdlalweni lo mqeqeshi akholwa ukuthi bekufanele bathole okungaphezulu kwephuzu elilodwa. Phakathi kwezinto akhala ngazo uKomphela, yiphenathi abancishwe yona kudlaliswa kabi uLerato Lamola, obengene esuka ebhentshini.
Ngokwalo mqeqeshi sekuyisikhathi sokuthi onondweba babe nesibindi balikhombe emlotheni uma kufanele ngoba umsebenzi owenziwa amaqembu maphakathi nesonto mkhulu kakhulu kunokuthi isinqumo sesingavele sithathwe kalula ngaphandle kokucabangisisa kahle.
Nakuba uKomphela ekhononda ngendlela umdlalo obuphethwe ngayo kodwa akakhali kakhulu ngoba ubona lisekhona ithuba lokuqeda kwiTop 8.
“Asikho isidingo sokukhala kangako ngoba lokhu engikhononda ngakho ngeke kusajika. Okusele manje ukuthi sibuyele lapho sihlela khona bese sibheka umdlalo olandelayo. Nginethemba ngeTop 8 ngoba inkinga ebhekene nathi (ukulahla amaphuzu) ayigadli kithina sodwa kepha sonke. Ubani owaziyo ukuthi uma silahla amaphuzu namuhla laba esibanga nabo iTop 8 ngeke babhekane nenkinga efanayo? Ayisekho imidlalo elula manje ngoba lonke iqembu obhekana nalo linokwalo elikulwelayo,” usho kanje.
Mayelana nemidlalo elandelayo uKomphela uthe: “Uma ubheka ukuthi lo mdlalo bekungowabakhaya, kufanele ukuthi kukucacelile ukuthi ububanda. Bengilindele ukuthi sijikijelane ngakho konke esinakho kodwa kwangenzeka. Mhlawumbe ukube unondweba ube nesibindi umdlalo ubuzoshuba ukube iphenathi siyinikiwe.
“Usuthu beluzophoqeka ukuthi lusuke emuva lusihlasele ngesikhathi esifanayo obekuzoluklaya emuva nathi sithole amathuba amanye amagoli.
Amaphuzu amabili esiwalahlile lapha kodwa sisengalilungisa iphutha. Yonke manje imidlalo esele isizoba ngenzima kakhulu.
Okufanele sikwenze ukufaka wonke amandla esinawo kulokhu esisuke sibhekene nakho. Konke okunye kuzocaca ekupheleni kwesizini.”
I-Arrows izokwamukela iTS Galaxy ngoMgqibelo kowandulela owamanqamu weNedbank Cup enkundleni abawalahle kuyona amaphuzu ngeSonto, eClermont.