UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows uSteve Komphela uthi kubalulekile ukuthi abadlali basehebe ibhola nemfundo
OKWEHLELE umdlali weKaizer Chiefs, uWiseman Meyiwa, kumele kube yisifundo kuwona wonke umdlali ngokusheba imfundo nezemidlalo.

Lona ngumbono kaSteve “Mphathi” Komphela owanikeza uMeyiwa ithuba lokudlala esigabeni esikhulu kumasizini amabili edlule esengumqeqeshi waMakhosi.

UMeyiwa (19) obeyibamba esiswini ufike wathathwa njengomunye wabadlali abangaba yizethenjwa zaseNaturena eminyakeni ezayo ngenxa yethalente lakhe.

Nokho wonke amaphupho anawo njengomdlali webhola ashabalele ngemuva kokuba sengozini yemoto ngoNovemba nyakenye esendleleni esuka eGoli elibangise kubo eMgungundlovu.

Ngesonto eledlule uKomphela ube ngomunye wabasale beshaqekile iChiefs imemezela ukuthi uMeyiwa ngeke aphinde alidlale ibhola njengoba alimala umgogodla okwenze wangabe esakwazi ukusebenzisa isingezansi.

“Ngishaqekile kabi ngalezi zindaba ezibuhlungu kangangoba. Sike sakhuluma nabadlali ngokwenzekile,” kusho uKomphela opheka iLamontville Golden Arrows.

“Okwenzekile kungaphezulu kobuhlungu esikubonayo. Kodwa kumele sizibuze ukuthi yisiphi isifundo esisitholayo. Impilo yami noma eyakho ingashintsha ngokuphazima kweso. Uma uNkulunkulu ekunikeza ithuba lokuphila kodwa ekuncisha impumelelo ngethalente akukhombise lona, yiliphi elinye ithalente ongalisebenzisa ukuze uqhubeke uphumelele. Isikole sibalulekile.

“Nginenhlanhla yokuthi ngikwazile ukufunda (phezu kokudlala ibhola). Lokhu kuyalekela nangendlela obuka ngayo izinto.

“Kumele siye esikoleni ukuze kuthi uma sihluleka khona sibe sesibenzisa ezemidlalo ukuqhubeka nempilo. Ngoba kukhona kokubili ufunda ukuzimisela nokuzethemba. Ngakho iseluleko sami kuWiseman wukuthi bekungaba bucayi kunalokhu. Kukhona abanye abangakwazi ukusebenzisa wonke amalunga emizimba yabo. Kodwa uNkulunkulu uthe uzoziveza ukuthi uyanakekela ngokuthi asebenzise yena ukukhombisa ukuthi usangakwazi ukuvelela aphumelele ngemfundo. Njengoba umkhakha wezemidlalo uvalekile, akuvule owemfundo. Uzophumelela ngoba uzokuthola ukwesekwa akudingayo.”

Uthe nangesikhathi lo mdlali asesebenza ngaphansi kuka-Arthur Zwane eqenjini labafana abancane kwiChiefs wameluleka ngokuthi aqedele umatikuletsheni wakhe.

“Ngoba ngangazi ukuthi yini ongakwenzela wona. Ngiyazi ukuthi i-diploma noma i-degree ingakwenzelani. Uma ufundile nendlela obuka ngayo izinto iyashintsha futhi imfundo ikunikeza izwi,” kuchaza uKomphela eveza ukuthi uneziqu zobuthisa.

Ubekhuluma ngemuva kokuthi iqembu lase-Arrows lihlule iHighlands Park ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngempelasonto.

Uthe akaneme ngendlela abadlale ngayo.

“Kodwa ukunqoba kuyakunikeza ukuzethemba. Asikadlalisi okwe-Arrows.” Emdlalweni olandelayo Abafana Bes’thede bazokwamukela iSuperSport United enkundleni efanayo ngeSonto ngo-3.30 ntambama.