ESONTWENI ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi - abesezindabeni ngalo esolwa ngokuveza ukungahambisani kwakhe nodaba lokwandiswa kwabadlali bebala kuleli qembu lesizwe, uphinde waqokelwa emklomelweni omkhulu.
Lo mdlali uqokelwe ohlwini lwabadlali ababanga iLaureus Award Sporting Moment of the Year.
Abahlabene kule miklomelo bazokwethulwa ngoFebhuwari 18 kumaLaureus Sports Awards eMonaco.
UKolisi uqokwe ngomlando awuqophe ngoJuni 9, 2018 ehola amaBhokobhoko emdlalweni we-test e-Ellis Park njengokaputeni wokuqala omnyama walesi sikwati saseNingizimu Afrika.
Okwenza lo mzuzu ube ngokhethekile nakakhulu ngukuthi uKolisi ngalolo suku wayegqoke ijei elingunombolo-6 nokuyinombolo efana neyayigqokwe nguNelson Mandela nge-1995 Rugby World Cup.
Udaba lukaKolisi luqhakambisa ukudlula ezikhathini ezinzima nokuphumelela phezu kwakho konke. Uzalelwe elokishini iZwide eduze naseBhayi ehlupheka unina benogogo wakhe bengenayo imali.
“Bekunzima ngisemncane futhi isikhathi esiningi bekungekho ukudla. Benginokulala ngilambile,” usho kanje.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usesetshenziswa njengesibonelo ukuthi ngokuzikhandla nokuzimisela ungazuza noma yini.
“Anginamahloni ngokuthi ngisukaphi futhi ngiyaqonda ukuthi udaba lwami luyafana nolwabaningi eNingizimu Afrika ngezindlela eziningi, luyangikhuthaza,” kusho uKolisi.
“Yebo ukuba ngumdlali okhokhelwayo kuyaba nzima futhi isikhathi esiningi uzithola uzibuza ukuthi ngabe sikhona yini isidingo (sokubekezelela lobo bunzima). Ngivele kodwa ngicabange la ngisuka khona nabantu abangiphakamisele kuleyo ndawo.”
Udaba lwempumelelo kaKolisi lusohlwini lwezingu-10 zezemidlalo kodwa ezithinta izinhliziy zabantu ezizovotelwa wumphakathi phakathi kukaJanuwari 7 noFebhuwari 4 kwi-myLaureus.com.
Njalo ngenyanga phakathi kukaMashi noDisemba 2018, abalandeli bebeqoka izindaba ezibathintile zesigaba seLaureus Sporting Moment of the Month. -ANA