UKUHLABANA kukakaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, kumaLaureus Sports Awards namuhla, kungahamba ibanga elide ekukhanyiseni indlela yamaBhokobhoko ebheke kwi-2019 Rugby World Cup ezodlalelwa eJapan kusuka ngoSepthemba 20 kuya kuNovemba 2.
UKolisi ukwabathathu abasele embangweni weLaureus Sporting Moment of the Year Award. Ubanga noDoddie Weir okungumdlali wakudala wombhoxo wase-Ireland noXiya Boyu oqwale intabakazi iMount Everest ebe enqamuke imilenze emibili.
Ohlabene uzokwethulwa emcimbini iLaureus Sports Awards oseMonaco, eFrance, namuhla ngo-8 ebusuku.
Isiteshi sethelevishini, i-SS2 izowuveza bukhoma umcimbi wemiklomelo.
UKolisi ulibangise eFrance namuhla, ngokusho kweqembu lakhe, iStormers.
Inkakha yamaBhokobhoko, uThando Manana, ongumkhaya kaKolisi eZwide, e-Eastern Cape, uthe uma ehlabana uKolisi zimbili izinto okuyofanele zijatshulelwe.
“Okokuqala, kuzosho ukuqala kahle unyaka kumaBhokobhoko kwazise kulo nyaka sidinga zonke izindaba ezimnandi esingazizwa ngamaBhokobhoko,” kusho uManana.
“Okwesibili, ukuhlabana kukaKolisi kuzobe kusho impumelelo yomuntu omnyama embhoxweni waseNingizimu Afrika. Uzokhumbula ukuthi ube mkhulu kanjani umsindo ngoKolisi kuthiwa udlaliswa ngoba kubanjwa isibalo sabamnyama kumaBhokobhoko. Njengamanje kufanele ngabe mkhulu umsindo ezweni kodwa lutho. Vele-ke umklomelo akusiwo owaseNingizimu Afrika. Umhlaba uyawuqonda umzabalazo wethu.”
Okubeke uKolisi ethubeni lokungenela umklomelo wukunqoba owenyanga ngoJuni nyakenye. NgoJuni nyakenye uqophe umlando eba ngukaputeni wokuqala omnyama wamaBhokobhoko. Emdlalweni wakhe wokuqala njengokaputeni uhole amaBhokobhoko eguqisa i-England kwi-Incoming Tour e-Ellis Park, eGoli.
Okwenza lowo mzuzu waba ngokhethekile wukuthi wayedlubhe ijezi elingunombolo-6 elaligqokwe nguMengameli Nelson Mandela ngesikhathi ebukela ingqophamlando yomdlalo wamanqamu e1995 Rugby World Cup khona e-Ellis Park.
AmaLaureus aqala ngaye uMandela.