USWELE amaphiko okundiza ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiyamthanda Kolisi emuva kokuthi iqembu abelihola liphumelele ukubuya nomphumela osewahlula inqwaba (yamaqembu) athunyelwa yiNingizimu Afrika eNew Zealand ngokwahlukana kwemiqhudelwano.
UKolisi ujabule nje, kufanele ngoba lokhu abakwenzile kwiCastle Lager Rugby Championship kwagcina ukwenzeka ngo-2009. Bashaye iNew Zealand ekhaya benqoba ngo 36-34. AmaBhokobhoko aye kulo mdlalo azi ukuthi umlando ukhomba ukuthi agcine ethole isibhaxu sika 57-0 ebhekene nama-All Blacks. Ngaphezulu kwalokhu abebuya endukwini imidlalo ilandelana kwiChampionship yalo nyaka kwazise ashaywe yi-Argentina ne-Australia.
Lo kaputeni uzwakalise ukuthi okuyikhona okwenze lo mphumela wabafikisela ngezinyembezi ukuthi bayazi baqale lo mdlalo benganikwe lutho kanti nokulimala kukaDamian de Allande noLukhanyo Am (bobabili abebelimele emahlombe) kubenze babumbana nakakhulu. Kunemizuzu eyishumi abayidlale ngaphandle kukaWillie le Roux.
“Konke lokhu kwenza lo mphumela wehle njengoswidi wekhethelo ephinjeni. Ukulimala kwalaba ababili nokuthola kukaWillie ikhadi kusenze sabukana emehlweni, savumelana ukuthi namuhla kunamuhla. Besingasabhekile okunye enkundleni ngaphandle kokufeza iphupho lezinkulungwane ebesazi ukuthi sizishiye ekhaya. Ngiswele amaphiko ngabe ngiyandiza ngendlela iqembu lonke elikhombise ukubumbana ngayo. Umqeqeshi (uRassie) nethimba lakhe ngeke ngibashiye ngaphandle ngoba indaba iqale ngesonto eledlule siwulungiselela lo mdlalo,” kusho uKolisi.
Umdlalo olandelayo usekhaya ngempelasonto kaSepthemba 29 ne-Australia. Le wini ibeke amaBhokobhoko endaweni yesibili kwi-log yeChampionship, okwenza yonke imidlalo ibe mqoka njengoba nama-All Blacks ezobe edlala ne-Argentina ngawo belu uMgqibelo.
Ngemuva kwalo mdlalo amaBhokobhoko ake alandela kuwona ngo 12-0, umqeqeshi uRassie Erasmus uhambe emazwini kaKolisi encoma abadlali.
“Okusemqoka ukuthi abadlali bahlale kulokhu ebesibacele khona base befaka nezabo izinongo ezimqoka ngokubhekana nezimo enkundleni. Yebo, bekumincisa ekugcineni kodwa kufanele sihambele phezulu ngoba senze into engenziwa, ikakhulukazi eWellington. Siyakuthokozela kakhulu lokhu ngoba sishaye ompetha bomhlaba enkundleni abangathintwa kuyona kodwa umsebenzi usemkhulu,” usho kanje lo mqeqeshi.
Ngendlela obekunzima ngayo kulo mdlalo amaBhokobhoko enze ama-tackles angaphezulu kuka-200. ULe Roux ushaye i-try kwathi * -Aphiwe Dyantyi wabeka emgqeni amabili. Amanye eze noMalcolm Marx noCheslin Kolbe. UHandre Pollard ushaye ama-concersion amane nephenathi eyodwa ebimqoka ngendlela eyisimanga.