UJURGEN Klopp, ocija iLiverpool, usexwayise izimbangi zakhe mayelana nombango wesicoco sePremier League yize eqhulwini esabambene neChelsea neWatford ngamaphuzu angu-12 emidlalweni emine.
IJalimane lithi yize imiphumela isalivune kanje kodwa iqembu lalo lisashaya ngegiya lokulungiselela ukuqala kwesizini.
“Abadlali abekho ezingeni eliphezulu okwamanje. Yingoba sisekuqaleni kwesizini. Kujwayelekile (ukuqala ngonyawo oluphansi). Bonke abantu kumele bazi ukuthi sisanenqwaba yomsebenzi okumele siwenze, uma bengawenzi kodwa ngiyoba ngibatshelile. Uma unqoba kane kuzwakala kamnandi kodwa kusanda kuqala isizini ngemuva kwehlobo elide. Kusukela phakathi noSepthemba sidlala njalo ngemuva kwezinsuku ezintathu. Kufanele senze umsebenzi manje,” kusho uKlopp emithonjeni yezindaba yaphesheya.
ILiverpool iyawabasela amagoli yize isilomo sayo sangesizini edlule, uMohamed Salah, singakangeni egiyeni elisenze saqokwa noLuca Modric weReal Madrid noCristiano Ronaldo wasePortugal.
Umdlali othathe ngonyawo olukhombisa ukuba ngcono kunolwangesizini edlule nguSadio Mane waseSenegal nosebasele amagoli amane kule sizini.
UMane ushisa nje kufanele kwazise uvele wavuka ngejezi unombolo-10 oshiywe ngesizini edlule ngoFelippe Coutinho waseBrazil nosekwiBarcelona.
Umuntu omise kabi uMane emagolini nongase amphazamise emklomelweni womdlali ovelele enyangeni, ngu-Aleksandar Mitrovic weFulham.
UMitrovic waseSerbia naye usebasele amagoli amane.
Abanye abadlali abaqale ngegiya eliphezulu nguSergio Arguero weManchester City noPedro weChelsea abanamagoli amathathu ngamunye.
Abanye abadlali abanamagoli amathathu ngamunye nguGlenn Murray weBrighton & Hove Albion kaPercy Tau, Roberto Pereyra weWatfrod, Lucas Moura weTottenham Hotspur, Romelu Lukaku weManchester United noRicharlison we-Everton. Olunye ulwazi lucashunwe kwi-www.supersport.com. -malibongwe mdletshe