ISIHLABANI somdlali waseNingizimu Afrika, uDaine Klate, sithi besingeke siliyeke ithuba lokubuyela “ekhaya” uma selivelile. UKlate (33) ungumdlali osenqobe izicoco eziningi zeligi kwiPremier Soccer League ekwenza lokho namaqembu ahlukene. Udle isicoco se-Absa Premiership neSuperSport United kathathu, Orlando Pirates kabili, nesisodwa neBidvest Wits ebesigijima kuyona ngesizini edlule njengoba ezodlala kwiChippa United.
IChili Boys ezinze ePort Elizabeth ifana neqembu lasekhaya njengoba lo mdlali edabuka kuleli dolobha. Walifulathela esengumfanyana eyofuna amadlelo aluhlaza eGoli. Udlale kwiSchool of Excellence ngaphambi kokujoyina iqembu lenkululisa le-United.
“Eminyakeni eyisithupha edlule bengingakaze ngicabange ukuthi ngingaqedelela ukudlala kwami ibhola ekhaya. Kodwa kuthe uma ithuba livela ngabona kungcono ukuthi ngilibambe okungenza ngijabule kakhulu,” kusho lo mdlali oyibamba kwesokunxele esiswini ngesikhathi ekhuluma kuMhlobo Wenene FM.
IChippa ezobe iqeqeshwa uDan Malesela ngesizini ezayo ayigcinanga ngoKlate ukusika. Imemezele noThabo Nthethe obeyibamba kwiMamelodi Sundowns noJabulani Shongwe oke wadlala kwiWits ngaphambi kokuthi aye kwiLamontville Golden Arrows ngesizini edlule. Bangu-15 abadllali abethulwe iChili Boys ngoLwesithathu.
UMasilela uthe uzimisele ngokuzoqedela umsebenzi awushiya ngesikhathi exoshwa ngesizini edlule. “Kwesinye isikhathi kunobudlelwano ongeke ubuhlukanise. Ngeke ngenze izethembiso eziningi zangesizini ezayo kodwa sizozama okusemandleni. Singajabula uma singadlala ngaphandle kwelakuleli bese sinqoba nesicoco,” ucashunwe kanje uMalisela ekhasini leChippa kwiTwitter.