OBENGUNOZINTI we-Orlando Pirates, uBrilliant Khuzwayo, umile ekutheni akuphelile ngempilo yakhe, uMdali wezinsuku uzoqhamuka neqhinga elizophinde limqhakazise.
UKhuzwayo, obebanga ijezi no-Itumeleng Khune esadlala kwiKaizer Chiefs, uveze lokhu kwiGagasi FM Sports ngeledlule.
Udalule ingxoxo efikisela umunyu abenayo nogogo wakhe ngemuva kokuvela kwezindaba ezishaqisayo zokuthi sekufanele awagaxe emgibeni amagilavu okuyiwo abexosha ngawo ikati eziko.
UKhuzwayo (29) waseMlaza, uwagaxe emgibeni ekuqaleni kwale nyanga ngenxa yokulimala ngemuva konyaka esayine kwiPirates angazange akwazi ukuyidlalela emidlalweni ye-Absa Premiership.
“Ugogo wavele wabalisa washo ukuthwala izandla ekhanda ekhala ngokuthi, ‘Kodwa manje ngoba nguwe obusisiza lapha ekhaya ngale mali yebhola, sesizokwenzanjani-ke manje?’. Into engambuza yona ugogo wukuthi yikuphi okungcono phakathi kukuthi kuthiwe ngishonile noma kuthiwe ngiphoqeleke ukuwagaxa emgibeni?
“Wathi, ‘Hhayi phela kungcono khona lokhu’, ngamtshela ukuthi nami yiyona ndlela engiyibuke ngayo-ke lento ukuze ngiqale ngithole ukuthobeka enhliziyweni. Lokhu akusho ukuthi sekuphelile ngami empilweni. Ziningi ezinye izindlela esisangazizama ukubeka ngazo ukudla etafuleni. Lokhu okwenzekile kusho ukuthi lukhulu uNkulunkulu angibekele lona empilweni,” kusho uKhuzwayo.
Echaza ukuthi yini ngempela ethintekile ukuze kufinyelelwe esinqumeni sokuthi angabe esadlala, uKhuzwayo uthe: “Ngiphuke italar dome (ithambo lelo eliyilunga elihlanganisa unyawo nesitho nokusho ukuthi lithwala ingcindezi yomzimba wonke). Empeleni ekuqaleni laliphukile kodwa laphinde lathunukala nokwenze lavithizeka nokungishiya ngisesimeni somuntu oneminyaka ela ko-65 (amalunga abo angasavumi).”
Lo nozinti, odlale kwiBafana Bafana edlale kwi-2015 Africa Cup of Nations eGabon, uthe ukuwagaxa emgibeni kwaba yisinqumo asenze ngemuva kwemibiko eshaqisayo yodokotela.
“Kuke kwafanele ngikhethe ukuthi ngabe ngifuna ukuzihambela ngezinyawo zami eminye iminyaka engu-20 kuya kwengu-25 noma ngizovuma ukuzihlambalaza ngigolozele ukudlala kodwa ngibe ngingakwazi ukuzinikela ngokuphelele? Ngisafuna ukuzihambela ngezinyawo. Sengifana nomuntu osengenwe yisifo samathambo,”kusho uKhuzwayo othe kuthintwe odokotela abaningi ngaphambi kokuthi kufinyelelwe kulesi sinqumo.
Yize ekhaliswa nxazonke uKhuzwayo kodwa yena futhi ukwamukela akubanga nzima ngendlela abantu abacanga ngayo.
Kuvela ezokuwagaxa emgibeni kuKhuzwayo nje, abalandeli bebekhombise ukumfuna enkundleni ngokumvotela ukuba aqale umdlalo weCarling Black Label Cup kanti nengwevu yePirates, uPatson “ Sparks” Banda, ibishilo ukuthi izomphakamisa anikwe unombolo-1 eyavimba ngawo iminyaka engu-10 inganaphini kweZimnyama.
UKhuzwayo wengeza esibalweni sabadlali baKwaZulu-Natal abaphoqekile ukuyeka ibhola ngenxa yokulimala. Abanye nguWiseman Meyiwa weKaizer Chiefs olimale umgogoda engozini yemoto nyakenye. Ngo-2016 uSiyabonga Sangweni uphoqekile ukuyeka ibhola ngenxa yokulimala idolo.