AMQINISA idolo amazwi abalandeli umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uSiphelele “Stash” Ntshangase, ongakayikhombisi imilingo aziwa ngayo kusukela efike eNaturena ngoJanuwari.
UNtshangase usayine kwiChiefs emuva kweminyaka engakufihli ukuthi ufuna ukudlalela leli qembu.
Ukufika kwakhe kujabulise abalandeli abaningi abebegxeka abaphathi ngokugodola nemali, bengasayinisi abadlali abasezingeni eliphezulu.
Emdlalweni wokuqala kaNtshangase wemukelwe njengenkosi ngabalandeli beChiefs eFNB Stadium. Nokho emuva kwalokho kuncane okungashiwo ngaye kwazise ungena uyaphuma esikimini somqeqeshi, uSteve “Mphathi” Komphela. Eminye imidlalo yeChiefs uyibuka nezihlwele. UNtshangase ubengekho ngisho ebhentshini ngesikhathi Amakhosi exetshulwa kabuhlungu ngo 3-0 yiChippa United emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium emasontweni amabili adlule.
UNtshangase uthe akutshelwa ngabalandeli kumenza aqine.
“Abalandeli bangitshela ukuthi ngizolithola ithuba. Nokho ukuthi bengivele ngifuna ukuba lapha, akufanele kungenze ngithathe izinto kancane. Okubalulekile wukuthi ngisebenze kanzima noma yinini uma nginikwe ithuba. Angijabule ngengisakwenzile kusukela ngifikile ngoba angidlali,” kusho uNtshangase.
Amakhosi asenalo ithuba lokubuyisa ukumamatheka kubalandeli bawo ngaphambi kokusongwa kwesizini ka-2017/2018. Azokwamukela iFree State Stars emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku. Emdlalweni wokugcina la maqembu ehlangana kowomkhumulajezi, iChiefs ikhale ngaphansi kwiStars koweTelkom Knockout ngo-2016.
UNtshangase uthe nakuba ubebukela engaphandle iqembu lidonsa kanzima kodwa iqembu alincikile kuyena. Ubona kufanele balwele ukuwina koweStars eMabhida. “Kuze kuba umqeqeshi unginika ithuba lokudlala ngingakhuluma ngokudonsa kanzima kweqembu ngibukela ngingaphandle.
"Njengoba isikhathi esiningi ngihlala ebhentshini, bengibona ukuthi iqembu lidonsa kanzima kodwa khumbula ukuthi iqembu alikho mayelana nami.
"Sikhulumile nomqeqeshi ngezinto okufanele ngizilungise endleleni engidlala ngayo futhi ngiyazama ukuzilungisa.
"Umdlali ophelele yilowo okwazi ukuhlasela nokumaka. Ngicabanga ukuthi emdlalweni wami kushoda ukuthi ngikwazi ukumaka.
"Okubalulekile wukuwina koweStars, iqembu limayelana nebheji hhayi ngoNtshangase. Ngingajabula ukuwina indebe ngoba kumasizini amathathu iqembu alikaze liwine lutho.
"Uma ngilithola ithuba ngizolisebenzisa.”
Ngempelasonto edlule, ebuzwa ngoNtshangase, uKomphela uthe kunzima ukuzinza kwiChiefs, akangayiphatha eyezindawo okufanele azilungise endleleni adlala ngayo.