UDONALD ‘Ace’ Khuse oqeqesha enkulisa yeKaizer Chiefs enoHendrick Ekstein ongumdlali weqembu ngesikhathi lilungisela umdlalo elizowudlala ne-Orlando Pirates eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama Isithombe: BACKPAGEPIX
INKAKHA ye-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, uDonald “Ace” Khuse, ibhoboze ithumba ngokusetshenziswa komuthi yila maqembu ngaphambi kwemidlalo yabakhaya.

UKhuse waqala kwiPirates esemncane phakathi kuka-1983 kuya ku-1986. Wajoyina Amakhosi ngo-1989 esebuya kwiMamelodi Sundowns ayidlalela phakathi kuka-1986 kuya ku-1989. Nakuba abadlali abaningi behlale bemanqika ngokukhuluma ngokusetshenziswa komuthi yizinkunzi zaseSoweto kodwa uKhuse uphumele obala ngawo.

“La maqembu abejwayele ukuwusebenzisa umuthi. BengikwiPirates futhi ngiyakwazi eyayikwenza. Sasithathwa sihanjiswe kwenye indawo. Angikwazi ukusho manje kodwa sasihanjiswa ndawana thize siyokwenza izinto ebusuku. NakwiChiefs kwakwenzeka okufanayo. Kodwa manje angazi noma kusenzeka yini lokho. Namanje ngeke ngisho ukuthi lezi zinto zazisebenza, konke kusemqondweni wakho.

“Kukhona umuntu owayesiphathela umuthi kwiChiefs, sasihamba mhlawumbe siphuma ukuyoziqeqesha, siwele umfula amise ibhasi. Uzohamba athi uzohlangana nomuntu othize osuka eSwazini. Wayeqamba amanga. Uzobuya lapho asigcabe asenze nezinye izinto. Athi nibonile kade ngikhuluma nalo muntu. Kwakusebenza kithina ngoba sasicabanga ukuthi wenza into efanele. Uma sifika laphayana (enkundleni) sesilungile ngoba “indoda yomuthi” ihlangane nomuntu waseSwazini, siyikholwa yonke into. Kodwa wayeqamba amanga. Yayingekho leyo nto.”

Kubadlali bePirates abake baphumela obala ngokusebenza komuthi kweZimnyama kukhona uMarc “Blond Bomber” Batchelor owayewumgadli ngesikhathi ziwina iCAF Champions League ngo-1995. UBatchelor owadlala nakwiChiefs, wathi babeqiswa amalangabi omlilo ebusuku emahlathini kweZimnyama.

UNeil Tovey naye wake wayivuma eyomuthi kwiChiefs nakuMaZulu.

IChiefs izobhekana nePirates emdlalweni womkhaya ngaphansi kwe-Absa Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. Kungenzeka ukuthi isiqalile ukuthakwa insizi emaqenjini womabili. Impikiswano yokusebenza komuthi ebholeni namanje ayikaze ifinyelele esiphethweni kwazise kukhona abakholwa wukuthi yinto esemqondweni. Umphathi weJomo Cosmos, uJomo Sono wathi: “Uma kuwukuthi umuthi uyasebenza ebholeni, woza nezangoma zakho ezingu-11, nami ngize nabadlali abangu-11, sibone ukuthi ubani ozohlulwa.”

UKhuse, osengumqeqeshi ezinhlakeni zokuthuthukiswa kwabadlali kwiChiefs, uthe noma engazi noma umuthi usasebenza yini kuleli qembu kodwa ufisa bayehlule iPirates esiwine eyabakhaya emithathu ilandelana.

“Ngiyathandaza ukuthi kulokhu siyehlule iPirates ngoba side isikhathi sagcina. Kuyaphoxa ukuthi iChiefs ihlulwe yiPirates emidlalweni eminingi kangaka. Ngicabanga ukuthi abadlali bawulungele umdlalo, bazongena enkundleni balwe, bawinele iChiefs,” kusho uKhuse.

“Abadlali abangene enkundleni behlise umoya bazame ukusebenza kanzima, badlale njengeqembu. Lokho kungasisiza siwine imidlalo. Angisho ukuthi bazithele ngabandawo kodwa bazame ukungaxhamazeli uma bengena ebhokisini ngoba bayajaha uma befika kulezo ndawo. Lokho kwenza bageje amagoli. Uma usulapho kufanele wehlise umoya, izinto zizokwenzeka ngoba bazosaba ngisho ukukumaka. Uma umqondo wakho ukahle uzokwazi ukubheka indawo efanele.”

Imidlalo ye-Absa Premiership:

Kusasa: Maritzburg United v Polokwane City (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibelo: Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium, 3.30pm); Highlands Park v Bidvest Wits (Makhulong Stadium, 3.30pm); Free State Stars v Chippa United (Goble Park, 6pm); AmaZulu FC v Cape Town City FC (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Baroka FC v Bloemfontein Celtic (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v SuperSport United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3.30pm)