Ezemidlalo

UKhoza wakuphrofetha ukukhonya kwePirates e-Afrika: Moloi

Mthokozisi Mncuseni|Published

INKAKHA ye-Orlando Pirates emcimbini weSuperSportBet ngoLwesibili

Image: SITHUNYELWE

NAKUBA uTebogo Moloi esadideka uma ezama ukuqonda ithonya uJose Riveiro ahlanganise ngalo zonke izizukulwane zamaBhakaniya kodwa akangabazi ukuthi usihlalo, u-Irvin Khoza, uzonemba enxebeni uma sekuyisikhathi sokuvala isikhala salo mqeqeshi waseSpain.

IPirates, esivele izibekisele indawo kowamanqamu weNedbank Cup, izokwamukela iPyramids FC yase-Egypt kowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weCaf Champions League ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, e-FNB Stadium, eNasrec.

Leli yithuba layo lokuvalelisa ngenhlokomo uRiveiro ngokusho kwenye yezinkakha zaleli qembu lase-Orlando, uMoloi, owaphinde waba yiphini lomqeqeshi kulona.

Ukube kuya ngami ngabe abalandeli bePirates abazixaki ngokuthi kuzokwenzekani uma lo mqeqeshi esehambile kepha bagxile ethubeni iqembu elizithola liphambi kwalo.

“IPirates yashiywa ngabadlali abamqoka okuhlanganisa noJomo (Sono) kodwa namanje isaqhubeka nokuba ngelinye lamaqembu azihola phambili ebholeni lase-Afrika,” kusho uMoloi.

“Lokhu kufanele kuthobe izinhliziyo abalandeli ngoba banosihlalo owumphrofethi futhi ongalokothi ashaye eceleni uma sekuyisikhathi sokuvala isikhala, kungabe esomdlali noma esomqeqeshi.

“Ngaphambi kokuthi iPirates ithole inkanyezi yokuqala ngo-1995, uKhoza wenza isicelo eqenjini langaleso sikhathi (engangikhona kulona), wabe esethembisa ukuthi uma simenzela lokho iPirates iyoba ngelinye lamaqembu ayokhonya ebholeni lase-Afrika. Nangempela samwinela lezo zicoco kwadlula izinyanga ezimbalwa iPirates yakhonya i-Afrika. Kusukela lapho kuze kube yimanje lesi siphrofetho sisalokhu sifezeka.

“Likhulu ithuba lokukhonya e-Afrika njengoba sinomqeqeshi oliqonda njengoba ezazi yena isikompilo lePirates, nami engingazi ukuthi ukwenze kanjani lokhu. Mina ngazi iPirates okuthukuthela wonke muntu uma ishayiwe kodwa selokhu kwafika uRiveiro akubikhona muntu ovungamayo nanoma kungahamba kahle.

“Usihlanganise sonke kusukela ezizukulwaneni zePirates ebengingazazi. Ufike nento ehlukile engingazi ngempela ukuthi uyenze kanjani. Kuthusile ukushiya kwakhe kodwa iPirates izoqhubeka nokwenza kahle noma engasekho kuyona,” kusho yena.

UMoloi usonge ngokuthi asikho isidingo sokufakela abadlali ingcindezi ngoba sebekhombisile ukuthi bakulungele ukudlala kulesi sigaba.

“Akukho abadinga ukucijwa ngakho abadlali. Kwabona bayaqonda ukuthi bayiqembu elikhethekile  futhi okungajwayelekile ukuthi lihlangane. Abanalo uvalo futhi badlala ngokukhululeka.

"Ukunqoba owomlenze wokuqala kumqoka kakhulu ngoba kowesibili iPyramids iyobe isiyolwa njengoba ehlale enza amaqembu asenhla ne-Afrika,” kusho uMoloi.