USIHLALO wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, uyaziqhathulula ngokuduva kwamacala abhekene namaqembu osekuqubule izikhalo kubalandeli bakanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.
Izolo, uKhoza ubekade ebize isithangami nabezindaba emahhovisi ePSL Parktown, eGoli, ukuzogeza igama lakhe. Lesi sithangami kade sihanjelwe yisikhulu esiphezulu esibambile sePSL uMato Madlala, umshushisi wePSL uNande Becker nommeli wePSL uMichael Murphy.
Icala elisematheni elithinta iMamelodi Sundowns okuthiwe izogwetshwa ngoLwesihlanu ngokudlalisa uWayne Arendse kungafanele.
Leli cala kade kungaziwa ukuthi likusiphi isigaba kuze kuba umqeqeshi uPitso Mosimane uphawula ngalo kwabezindaba ethi uyazi ukuthi lizodonsa kuze kuba sekupheleni kwesizini sekucaca ukuthi yiliphi iqembu elizowina iligi. Ngakusasa iPSL ikhiphe isitatimende esisho ukuthi iSundowns ilahlwe yicala futhi ilindiwe ukuthi yenze izethulo zayo bese kuphuma isigwebo.
UKhoza uthe akukho okumhlanganisa namacala abekwe amaqembu. Abalandeli bakholwa wukuthi uKhoza, obuye abe ngusihlalo we-Orlando Pirates, usebenzisa amandla akhe ukuze isinqumo kube esokuphuca iSundowns amaphuzu, bese kusizakala eZimnyama embangweni wesicoco seligi.
“Okubalulekile kuthina njengeligi wubulungiswa, wukushesha nokusebenza komthetho kunoma yisiphi isimo esibhekene naso. Ibhola liyalawulwa. Akuhlangene nemizwa yami, eyesikhulu esiphezulu. Kuya ngokushiwo wumthetho. Kodwa kwabanye abantu kungabukeka engathi senza kancane, asiwazi umsebenzi.
"Ziningi izinto ezenza amacala engasheshi. Kwesinye isikhathi amaqembu acela ukuhlehliselwa usuku lokuza ecaleni, amanye anabantu bomthetho abafuna imininingwane engaphezulu. Kufanele ubanike yona,” kusho uKhoza.
“Iqembu ngalinye linelungelo lokuvunyelwa uma licela ukuhlehliselwa. Lokho kwenziwa emuva ngokuxoxisana nokuvumelana nomshushisi. Asikho isikhulu esiphezulu esiyalela ukuhlehla kwecala. Alikho ilunga lesigungu eliyalela lokho nokubekwa kwamacala. Kodwa uma ufunda kwabezindaba kuba engathi kukhona ukugxambukela noma kukhona abanesandla. Uma uyikholwa into ngisho ungalitshelwa kanjani iqiniso, uyayikholwa. Kunecala manje okukhulunywa ukuthi lizodonswa kuze kuphele isizini ukuze kwenzelelwe abathize. Wumbhedo lowo. Umshushisi kufanele achaze ukuthi kubambeka kuphi.”
UBecker uveze ukuthi isinqumo ngecala leSundowns sizophuma ngoLwesihlanu. Wathi ucele isigungu esiqondisa izigwegwe ukuthi lolu daba lusheshiswe ngoba luthinta okuzokwenzeka ngombango wesicoco sePremieship. Kwamanye amacala asabhekene neSundowns kukhona elokungatshali ezokuphepha ezanele ngesikhathi ibhekene nePirates eLoftus Versfeld Stadium, nelikaMosimane lokushaya unogada eThekwini.
“Sengibhekane namacala angaphezu kuka-50 kule sizini. Ngisebenza namaqembu awu-32 (Premiership neNational First Division (NFD). Angimane nje ngithwese icala kodwa ngiyaphenya kuqala, ngithole nofakazi. Eminyakeni eyisithupha kwiPSL ngisahluleke kwelilodwa icala. Ngaphambi kokubizela iqembu ecaleni, sibheka uhla lwemidlalo yalo. Silibiza okungenani emuva kwezinsuku ezimbili lidlalile. Mayelana nodaba lweSundowns, kade icela ukuhlehliselwa ngenxa yemidlalo yeCAF Champions League. Maningi amacala engibhekana nawo, ngaphezu kwalokho nginomsebenzi wansuku zonke engiwenzayo. Isigwebo seSundowns sizoncika ezigwebeni ezidlule nesinqumo sesigungu esiqondisa izigwegwe,” kusho uBecker.
ISundowns yadlalisa * -Arendse ibhekene neBidvest Wits kanti lowo mdlalo waphela ngo 1-1.