IBHANTSHI ligcwale umoya kumqeqeshi we-Egypt iqembu lakhe lihlulwa yiBafana Bafana ngo 1 - 0 kumdlalo we-Afcon last 16 eCairo International Stadium, ngoMgqibelo ebusuku phambi kwabalandeli ababalelwa ku-75 000.
Inhlangano yebhola e-Egypt, i-Egypt Football Association (EFA) kuyithathe amahora ambalwa ngemuva kokushaywa ngegoli likaThembinkosi Lorch ukumemezela ukuthi isimkhombe indlela umqeqeshi uJavier Aguirre.
Akugcinanga lapho njengoba kungakapheli sikhathi esingakanani nomengameli we-EFA naye ememezele ukuthi uyasula esikhundleni sakhe.
أبو ريدة يقيل الجهاز الفني ويتقدم باستقالته
أعلن المهندس هاني أبو ريدة استقالته من رئاسة الاتحاد المصري لكرة القدم كما دعا أعضاء مجلس إدارة الاتحاد لتقديم استقالاتهم ، وذلك عقب خروج المنتخب الوطني الأول من دور ال 16 لبطولة الأمم الأفريقية التي تنظمها مصر حاليا . pic.twitter.com/jUfNvdCMfD
— Egypt National Football Team (@Pharaohs) July 6, 2019
"UHani Abu Reidah usememezele ukuthi uyasishiya isikhundla sokuba ngumengameli we-Egypt Football Association. Uphakamise nokuthi namanye amalungu ebhodi asule ezikhundleni zawo ngemuva kokukhishwa kweqembu lesizwe esigabeni selast 16 kwi-Africa Cup of Nations ese-Egypt," kusho isitatimende esifakwe ku-twitter.
I-EFA imemezele nokuthi u-Aguirre uxoshwe nethimba labaqeqeshi ebelimlekelela.
IBafana Bafana izobhekana neNigeria kumdlalo wama-quarter finals.