UZOZIQEQESHA neBidvest Wits, uThandani “Bibo” Ntshumayelo, onikezwe ithuba lokubuyela ebholeni ngemuva kweminyaka emibili amiswa ukuthi azihlanganise nalo.
Leli phephanda lithole ngomthombo othembekile ukuthi lo mdlali uzoqala ukujima neZitshudeni ngesonto elizayo.
Ngesikhathi likhuluma naye izolo akavumanga futhi akaphikanga.
Ubezimisele ngokuveza ukuthi isimo besinjani kwiminyaka emibili engadlali. Utshele intatheli ukuthi indlela isimo esike saba simbi ngayo uke wacabanga nokuzibulala.
Ngo-2016 uNtshumayelo wamiswa iminyaka emine engalithinti ibhola ngemuva kokutholakala nesidakamizwa i-cocaine egazini lakhe.
Ngaleso sikhathi wayesemabhukwini e-Orlando Pirates eyabe isiyinqamula inkontileka yakhe.
Isigwebo sehliselwe eminyakeni emibili ngemuva kokufaka isicelo sokuthi sibuyekezwe.
“Kwangithatha unyaka ukuthi ngamukele isimo sami. Ngalahlekelwa izimoto zami ngoba bese ngingenawo umholo. Umndeni wami, intombi yami, ozakwethu nezinye izinkakha yibona abebengigqugquzela. Ngake ngacabanga nokuzibulala kodwa umndeni walokhu uqhubekile nokungeseka. Bangenza ngakhohlwa ngokuthi ngizibulale. Manje sengiwumuntu oqine kakhulu kunakuqala. UNkulunkulu mkhulu ngabe angikho lapha ngaphandle kwakhe,” kusho uNtshumayelo.
UBibo (28) waqala ukudlala ibhola esigabeni esiphezulu kwiSuperSport United ngo-2009. Ujoyine iPirates ngo-2012.
Wayeyingxenye yeqembu lePirates elafinyelela kowamanqamu weCAF Champions League ngo-2013, laphinde ladlala kowamanqamu weConfederations Cup ngo-2014.
“Ngiyajubula ngokuthi yize zahamba izimoto kodwa ngakwazi ukugcina umuzi wami. Zathathwa izimoto ngoba ngangisakwazi ukuzikhokhela. Kwakubuhlungu kakhulu. Umntwana wami uyena ongenza ngizihluphe ngokuba yisibonelo esihle. Ngifuna ukudlala ibhola kwiPSL futhi kuyangijabulisa ukuthi sengizokwenza into engiyithandayo,” kusho uNtshumayelo.
Uthe bakhona asebemthintile ukuzwa ukuthi angakwazi yini ukuzihlanganisa nabo.
“Angisakwazi ukulinda ukubuyela ensimini. Okuhle wukuthi iminyaka isangivuna.”
Kuke kwavela ukuthi uGavin Hunt opheka iWits ngomunye obelokhu ekhuthaza uNtshumayelo ngesikhathi ebhekene nalesi simo.
Ebuzwa ngalokhu lo mdlali, uthe: “Angifuni ukubala amagama abantu kodwa ukhona umqeqeshi oyedwa obelokhu engikhuthaza.”