Obengumqeqeshi we-Orlando Pirates Milutin Sredojevic oseyishiyile. Isithombe: Sydney Mahlangu/ BackpagePix

KUHLUKANE inhloko nesixhanti kuMilutin “Micho” Sredojevic ne-Orlando Pirates abeseyiqeqeshe amasizini amabili wanganqoba neyodwa indebe. 

Lezi zindaba zishaqe abaningi kwazise isizini ye-Absa Premiership isaphansi, i-Orlando Pirates isadlale imidlalo emibili; yanqoba owodwa ngo 3-1 ibhekene neBloemfontein Celtic ngaphambi kokutitinywa yiSuperSport ngo 3-0 kuleli sonto. IPirates ivule imidlalo yeCAF Champions League ngenduku. 
Izolo ebusuku ngo 10.30 iPirates imemezele izindaba zokushiya kukaMicho ngesitatimende esifake kwiwebsite yayo. 
“UMilutin Sredojevic usesishiyile isikhundla sakhe sokuqeqesha i-Orlando Pirates ngemuva kwamasizini amabili ekulesi sikhundla. Iqembu lifisa ukucacisa ukuthi lesi bekuyisinqumo azithathele yena ngokwakhe. Abaphathi be-Orlando Pirates basamukelile isinqumo sikaSredojevic obeke izizathu ezingasese ngesinqumo asithathile. URhulani Mokwena uzoqhubeka nomsebenzi wokuqeqesha elekelelwa uFadlu Davids noFanck Paine," kusho isitatimende.

Ngokwe-website yebhola likanobhutshuzwayo e-Egypt, iKingfut.com uMicho useqashwe njengomqeqeshi omusha kwiZamalek okuyiqembu abekhonjwa kulo. 
NgoLwesine umengameli waleli qembu uMortada Mansour umemezele umkhaya kaMicho u-Aleksander Stanojevic njengomqeqeshi omusha weqembu, kodwa ngoMgqibelo ekuseni ushaye ungqimphothwe wathi empeleni baqashe uMicho. 
“UMicho uyena mqeqeshi ebesimfuna. UTarek Yehia obebambile uzoba yiphini lakhe,” kusho uMansour ecashunwa yiKingfut.com

I-Orlando Pirates izobhekana neHighlands Park emdlalweni we-MTN8 namahanje ngo-6 ntambama.