UMGADLI weKaizer Chiefs, uGustavo Paez, ukhombise olunye uhlangothi lwakhe echizela umqeqeshi uGiovanni Solinas ngesikhathi bedlala neBloemfontein Celtic kwiMacufe Cup izolo ntambama.
Umdlalo unqotshwe yiChiefs ngo 2-0 ngegoli likaLebogang Manyama esiwombeni sokuqala, nelikaDumisani Zuma kwesesibili.
UPaez ubonakale kwithelevishini engafuni ukuxhawula kuSolinas ngesikhathi emkhipha esiwombeni sesibili indawo yakhe yathathwa uBernard Parker. UPaez ubethole ithuba lokuqala kwiChiefs emdlalweni wobungani kade engasitholi njalo isikimu emidlalweni ye-Absa Premiership.
Akwaziwa obekucika umgadli waseVenezuela ngoba kuyaziwa ukuthi imidlalo yobungani eyokunikeza wonke umdlali ithuba lokungena enkundleni.
IChiefs ishintshe ihamba phambili ngemuva kokuzama kaningi ukuthola igoli esiwombeni sokuqala. Amagoli kaPaez noWillard Katsande aphikiwe ngoba kuthiwa bawashaye besemhlabeni ongafanele.
Lena bekuyiminyakazo yeChiefs ekhomba ukuthi izogcina ilitholile igoli.
ICeltic nayo ibiwathola amathuba okuya phambili kodwa ayikho iminyakazo etheni ethwalise kanzima unozinti waMakhosi, uBruce Bvuma.
Njengokulindelekile, bobabili abaqeqeshi benze izinguquko. USolinas kwiChiefs uqale ngoKabelo Mahlasela, Mario Booysen, Eric Mathoho noBongolwethu Jayiya abangalitholi ijezi emidlalweni ye-Absa Premiership.
Nasohlangothini lwePhunya Sele Sele, uSteve Komphela wenze izinguquko. UKomphela washo ngemuva komdlalo odlule wezakhe, lapho zashaywa khona wumbakhaya iFree State Stars, ukuthi uzosebenzisa iMacufe Cup ukubheka abanye abadlali. Omunye wabadlali abathole ithuba uWandisile Letlabika obelimele, okhiphe umhlola ekhaya, evimba ibhola ebeliqonde enethini ebelishaywe uZuma, unozinti esephumile emapalini.
IChiefs ihleli endaweni yesithathu kwi-log kanti iCeltic iyibambe endaweni yesihlanu.
NgoMgqibelo iCeltic izodudulana neMamelodi Sundowns kwiLast 16 yeTelkom Knockout eLucas Moripe Stadium ngo-6 ntambama.
NgeSonto iChiefs izokwamukela iBlack Leopards eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.