OWAYENGUMDLALI weBidvest Wits, uDillon Sheppard, ukhihla esikaNandi ngokuhamba kukanozinti uMoeneeb Josephs osezoyibamba kuMaZulu.
UJosephs uqoke ukungayivuseleli inkontileka neZitshudeni emuva kokuthi ehlale ebhentshini isizini yonke ka-2017/2018. Ezintini kwiWits kade kukhonya uDarren Keet.
IWits isivale isikhala sikaJosephs ngoBrighton Mhlongo obekade ebolekiswe yi-Orlando Pirates kwiChippa United ngesizini edlule.
USheppard, odlale noJosephs besebancane kwi-Ajax Cape Town ngaphambi kokuba baphinde bahlangane kwiWits, uthe iZitshudeni zilahlekelwe ngokuhamba kwalo nozinti. IWits ilahlekelwe nangumdlali wasesiswini uVincent Pule osejoyine iPirates, James Keene okhonjwa kwiSuperSport United nabanye.
“Kubuhlungu ukuthi uMoeneeb uyalishiya iqembu. Ubebaluleke kakhulu kodwa ayikho into engenziwa, isinqumo ngesakhe. Ibhola linjalo. Ubengayena nje umdlali kuphela kodwa umoya wakhe ubulihlanganisa iqembu. Ubengadlali kodwa ubehlala eligqugquzela iqembu, esebenza kanzima.
“KuMaZulu uzohlangana noCavin (Johnson) esasinaye kwi-Ajax eminyakeni edlule. Uzodlala ngaphansi komqeqeshi omaziyo. Ngimfisela konke okuhle,” kusho uSheppard.
KuMaZulu uJosephs uzobanga ijezi noSiyabonga Mbatha noBoalefa Pule. UMbatha, obengunozinti weThanda Royal Zulu kwiNational First Division (NFD), ushaye into ecokeme ngesizini yakhe yokuqala kwi-Absa Premiership ehlalisa ebhentshini uPule no-Energy Murambadoro onamava.
USheppard, osengumqeqeshi weqembu lika-Under 19 leWits, uthe iqembu elikhulu eliholwa ngumqeqeshi uGavin Hunt kufanele libhukule ngesizini ka-2018/2019. IWits ihlale emsileni we-log yePremiership isikhathi eside ngesizini edlule kodwa yaqeda iphethe indebe yeTelkom Knockout.
“Kufanele siqale kahle isizini, akukho okudlula lokho. Isizini edlule ayibanga yinhle ngenxa yokuthi abadlali abasha bathathe isikhathi ukuhlangana nabebekade bekhona. Kulokhu kufanele iqembu lisheshe ukuhlangana, imidlalo ingakahambi kakhulu. Ngikholwa wukuthi sizokwenza kahle ngesizini ka-2018/2019,” kusho uSheppard.