Umdlali weMamelodi Sundowns uKhama Billiat. Isithombe: Samuel Shivambu/BackpagePix
SESITHOLE imenenja entsha isibabuli somdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, osanda kulaxaza uSiyabulela Loyilane obengamele izindaba zakhe.

ULoyilane uhluleke wancama wukutholela uBilliat iqembu phesheya kwezilwandle.

Izolo ekuseni sithole izindaba zokuthi uBilliat usethole i-agent entsha. UBilliat usejoyine i-M-Sport-Management kaMichael Ngobeni.

“UKhama usejoyine i-M-Sport-Management eholwa nguMichael Ngobeni. Seneme futhi inkampani yethu yenza kahle. Sizolwela ukwenza isiqiniseko sokuthi senza yonke into ngendlela eqondile ukuze senze uKhama ajabule. Kusuka manje zonke izindaba ezithinta uKhama sezizokwamukelwa yi-M-Sport Management.

“Besivele sinobudlelwano obuhle phambilini nowayeyimenenja yakhe eminyakeni eyisithupha kuya kweyisikhombisa (u-Edzai Kasinauyo ongasekho emhlabeni) ngoba besisebenza ngokusondelana futhi sikhuliswe nguyena. UKhama ujabule ngokusijoyina futhi sethemba ukuthi zonke izinto zizohamba ngeqhinga loMdali,” kusho uNgobeni.

UMICHAEL Ngobeni (kwesokunxele) emukela ngokusemthethweni uKhama Billiat weMamelodi Sundowns osezophathwa yinkampani yakhe (uNgobeni)

UBilliat (27) usehlale kwiSundowns amasizini amahlanu. Ujoyine iSundowns esuka kwi-Ajax Cape Town ngo-2013. Usezinqobe zonke izicoco ezimqoka. Usehlabane ngeseCAF Champions League, Nedbank Cup, Absa Premiership neseTelkom Knockout.

I-M-Sport ephethe uBilliat ibophele abadlali abafana noJustin Shonga, Edmore Chirambadare, Dove Wome, Dino Ndlovu noLameck Banda ozojoyina iSundowns ngonyaka ozayo.

“UKhama uke waqokwa njengomdlali wesibili ovelele kwabadlala e-Afrika. Cishe ungumdlali ohamba phambili eNingizimu Afrika yonkana. Seneme ngokuphatha izindaba zomdlali ofana noKhama. Ukuphatha umdlali ofana noKhama kuyinto enkulu.

“Njenge-agent kuyisifiso sanoma ngubani ukuphatha uSaido Mane, Lionel Messi noYaya Toure. Okwamanje ngeke sikwazi ukuphatha uMessi kodwa kungcono ngoba sinoMessi wethu kuKhama futhi kumele senze isiqiniseko sokuthi simgcina ejabule. Kumele simsize afeze amaphupho akhe,” kuphetha uNgobeni.