USALE edangele umqeqeshi we-Manchester United u-Ole Gunnaer Solskjaer ezakhe zidlala ngokulingana neWolverhampton Wanderers ngo 1-1 emdlalweni we-English Premier League obuse-Molineux Stadium ngoMsombuluko ebusuku.
Igoli le-United livalelwe enethini umgadli u-Anthony Martial ngomzuzu ka-27 kanti eleWolves kube yingcwenga eshaywe nguRuben Neves esiwombeni sesibili, elihlolwe yi-VAR. I-United iphuthwe yithuba lokunqoba umdlalo esiwombeni sesibili uPaul Pogba eshweba iphenathi ngomzuzu ka-65. Ukube iwunqobile lo mdlalo ibizolingana neLiverpool ehlezi esicongweni seligi, ne-Arsenal esendaweni yesibili.
USolskjaer uthe kuningi okumjabulisayo akubone emdlalweni futhi iqembu lakhe lisazodlondlobala.
"Bengazi ukuthi iWolves izobuya ngomfutho esiwombeni sesibili okwenze bashaya igoli lokulinganisa. Umdlalo besiwuphethe futhi besinamathuba okuwunqoba. Sidlale kahle esiwombeni sokuqala kwathi kwesesibili sangadlala ngomgqigqo ofanayo. Siyiqembu elinabadlali abasebancane ngokweminyaka kanti sizofunda kakhulu kulomdlalo," kuchaza kwiSky Sports.
Umqeqeshi weWolves uNuno Espirito Santo uncome abadlali bakhe ngokuzibamba ziqine yize umdlalo ubunzima.
"Iyangijabulisa indlela esidlale ngayo. Isiwombe sokuqala besiphethwe iManchester okwenze kwanzima ukuthi sidlale kahle. Ngiyaziqhenya ngezinga lebhola esilidlale ngesiwombe sesibili. Ukufaka u-Adama Traore esuka ebhentshini kusisize kakhulu njengoba sikwazile ukushaya igoli lokulinganisa," kusho uSanto ekhuluma neSky Sports.
IWolves isiphenduke iphela endlebeni kwi-United, namanye amaqembu athathwa njengamakhulu kwi-Englishi Premier League. Ngesizini edlule iyishaye kuyo yomibili imidlalo yeligi iMan United.
EzikaSolkjaer zizotholana phezulu neCrystal Palance e-Old Trafford Stadium ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.