UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uClinton Larsen, ukhala ngokuzitshwa kwabadlali bakhe kwiBafana Bafana kangangokuthi akukho noyedwa umdlali oqokelwe kuyona.
Uthe kwenzeka lokhu phezu kokuba Abafana Bes’thende benabadlali bokufika abayizethenjwa emaqenjini angakubo kodwa abasekhaya ababizwa kwelesizwe.
ULarsen uthe unethemba lokuthi ngelinye ilanga ukhona umdlali okungenani oyedwa oyokhethwa kwiBafana ngoba unabadlali abasezingeni eliphezulu abakufanele ukudlala kwelesizwe.
I-Arrows isidlale imidlalo eyisithupha ingashaywa kwi-Absa Premiership. Isangenelwe amagoli amabili kuphela kuleyo midlalo.
Lokhu kusho ukuthi udonga lwaBafana Bes’thende oluholwa ngukaputeni uNkanyiso Mngwengwe lwenza kahle. NgoMsombuluko umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, umemezele isikwati esizobhekana neNigeria emlenzeni wesibili wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), ezodlalelwa eCameroon ngonyaka ozayo.
Emlenzeni wokuqala iBafana yanqoba ngo 2-0. Abadlali be-Arrows abadlalela amazwe angakubo uKnox Mutizwa, Divine Lunga noDanny Phiri abadlalela iZimbabwe, uMaximilian Mbaeva waseNamibia noLimbikani Mzava waseMalawi.
“Asinaye noyedwa umdlali odlala kwiBafana kodwa lokho akusidikibalisi nakancane. Siyiqembu elisebenza kanzima futhi siyazazi ukuthi siyiqembu elincane. Empeleni akungikhathazi nakancane ukuthi asinabo abadlali kwiBafana, eminyakeni edlule sesike saba nabadlali ababizwayo. Kodwa-ke kubuye kuzwele uma iqembu lenza kahle futhi linomgqigqo omuhle ikakhulukazi emuva uma ubuka umdlali onjengoMngwengwe indlela adlala ngayo uyaqala ukuzibuza ukuthi kanti kufanele aze enze kuphi. Abanye adlala nabo uMngwengwe emuva (esho ebabala) bangabokufika eNingizimu Afrika bayadlala emaqenjini angakubo,” usho kanje uLarsen ngoMsombuluko.
Eqhubeka echaza uLarsen uthe: “UMngwengwe ubalwa nabadlali basemuva abadlala kahle kule sizini. Ngokwami ngibona ukuthi usaphikwa yinhlanhla, mhlawumbe uyogcina ebiziwe kwiBafana. Okunye okungadala ukuthi angabizwa wukuthi abanye abadlali kwamanye amaqembu abadlala indawo efana neyakhe basenza kahle. Kodwa uma eqhubeka nokudlala kahle uzogcina ebiziwe ngelinye ilanga ngoba uzokwenza umsebenzi walabo abakhetha isikwati seBafana ube nzima kakhulu”.
Selilonke iqembu elizobhekana neNigeria limi kanje:
Onozinti: Itumeleng Khune (Chiefs), Ronwen Williams (SSU), Darren Keet (Bidvest Wits)
Izitobha: Ramahlwe Mphahlele (Chiefs), Motjeka Madisha (Sundowns), Siyanda Xulu (Maritzburg), Thulani Hlatshwayo, S’fiso Hlanti, Buhle Mkhwanazi (Wits) Thamsanqa Mkhize (CT City) Innocent Maela (Pirates).
Abasesiswini: Vincent Pule (Pirates), Lebohang Maboe (Sundowns), Hlompho Kekana (Sundowns), Fortune Makaringe (Maritzburg), Teboho Mokoena (SSU), Tiyani Mabunda (Sundowns), Thulani Serero (Vitesse), Thembinkosi Lorch (Pirates).
Abagadli: Lebo Mothiba (Strasbourg), Percy Tau (Royal Union), Dino Ndlovu (Zhejiang), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns)