UKHALA uyazithulisa ngabadlali abalimele umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ezobhekana neSupersport United emdlalweni womlenze wesibili weMTN 8 wesemi-final ozoba seLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, namuhla ngo-7:30 ebusuku.
ISundowns ilinyalelwe abadlali abamqoka okubalwa kubo u-Anthony Laffor, Phakamani Mahlambi, Keletso Makgalwa, Emiliano Tade, Ricardo Nascimento, Rivaldo Coetzee noMauricio Afonso.
UPitso uthe iyamkhathaza lento njengoba besazodlala imidlalo emqoka kwiligi kanye noweMTN 8 ozobabeka ethubeni lokunqoba isicoco okuyisona angakaze asithathe selokhu waqokwa njengomqeqeshi weSundowns ngo-2013.
“Ngiyazi sishaye amagoli amahlanu sidlala neCote d’ Or futhi sabhakuzisa inethi amahlandla amane sibhekene ne-Otoho d’ Oyo emdlalweni yeCAF. Kodwa okungiphatha kabi ukuthi siyahluleka ukushaya amagoli emdlalweni yasekhaya. Kuyashoda phambili, indlela esihlasela ngayo ayithusi. Kulimele abadlali abaningi. Kumele siqaphele amabhola abawafaka ebhokisini ngoba ayingozi. Koda nami ngiyazi ukuthi kumele babheke okuthize ngathi,” kuchaza uPitso ecashunwa abeSoccer Laduma.
Lomdlalo womkhaya uzocacisa iqembu elizofinyelela kowanqamu alomncintiswano kwazise lamaqembu adlale ngokulingana ngo 1-1 kowomlenze wokuqala ngoSepthemba 18 njengoba iSupersport yayingosokhaya. AmaBrazilians agcine ukufinyelela kowamanqamu eMTN 8 ngo-2016, akhala ngaphansi kwiBidvest Wits.
Ukulimala kwabadlali beDowns kungase kunikeze labo abeqiwa yiqezi ithuba lokuzibonakalisa njengoba njengoba ezikaPitso zinemidlalo eminingi okukhona kui iligi kanye neCAF Champions League.
Ngemuva komdlalo wanamuhla iSundowns izobhekana neMaritzburg United emdlalweni we-ABSA Premiership eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.