UMGADLI weBanyana Banyana uThembi Kgatlana encikene noMarta Corredera weSpain emdlanweni weNdebe yoMhlaba ka-2019 eStade Oceane Le Havre, eFrance, ngoMgqibelo Isithombe: BACKPAGEPIX
KUKHONA owake wancokola ngokuthi uma kungahlanganiswa umgadli weBanyana Banyana uThembi Kgatlana nesibabuli seBafana Bafana, uPercy Tau, zingaphela nya izinkinga zeNingizimu Afrika zokugeja phambi kwamapali.

Bobabili laba badlali bancanyana ngemizimba kodwa bayakwazi ukulikhulumisa ngezinyawo zabo ibhola.

UKgatlana uqhubekile nokuqopha umlando eba umdlali wokuqala wesifazane ukushaya igoli kwiNdebe yoMhlaba. IBanyana ibibhekene neSpain emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba yabesifazane ebanjelwe eFrance. Nokho elakuleli ligcine liguqile ngo 3-1 kulo mdlalo kaGroup B.

Namuhla kuzophinde kubhekwe ijubane likaKgatlana nobukhali bakhe emapalini uma sebethuthana neChina emdlalweni wesibili eParc des Princes, eParis ngo-9 ebusuku.

IChina yaguqa ngo 1-0 kwiGermany emdlalweni wokuvula.

“Umdlalo omqoka. Sisalelwe imidlalo emibili ukuthola amaphuzu ayisithupha okungasibeka endaweni yesibili noma yesithathu, okungaba yinto enkulu esizweni nakithina njengoba siqala ukudlala kwiNdebe yoMhlaba,” kusho uKgatlana.

Amaqembu amabili azoqeda phezulu emaqoqweni ayisithupha azongena kwi-Last 16 namane azobe ehleli ngamaphuzu angcono endaweni yesithathu.

“IChina nayo iyawadinga la maphuzu. Kumele kube khona ozowathola phakathi kwethu. Size lapha singabhekiwe futhi namanje kusenjalo.”

Emdlalweni weSpain iBanyana yenzelwa phansi i-video assistant referee (VAR).

“Kumele siyijwayele ngoba ngicabanga ukuthi iya nangenhlanhla,” kusho uKgatlana.

Uthemba ukuthi luzoyisiza iBanyana ulwazi lwakhe lokudlala kwiBeijing BG Pheonix FC, eChina. Yena noLinda Motlhalo bajoyine leli qembu ezinyangeni ezintathu ezedlule.

Uthole leli thuba emuva kokushaya into ecokeme kwi-Africa Women Cup of Nations eqeda njengomgadli ophambili, umdlali ovelele emqhudelwaneni, wase echonywa uphaphe njengomdlali oshaye into ecokeme e-Afrika kwabesimame.

“Umsebenzi wami wukwakha amathuba nokushaya amagoli. Uma ngingena enkundleni ngizama ngakho konke ukuthi ngiyakwenza lokho. Kuyangijabulisa ukuthi ngiyawashaya amagoli yize ngikholwa wukuthi kusamele ngishaye amaningi ukuze sikwazi ukunqoba imidlalo. Ngiyawazi amanye amantombazane esizodlala nawo. Ngisebenza kanzima ejimini ukuzama izindlela engizogqobhoza ngazo udonga lwabo,” kusho uKgatlana.

Uma kwenzeka egcina eyiweza ngelibanzi iBanyana, kungekudala kuzobe kubhekwe uTau ukusiza iBafana uma isidlala kwi-Africa Cup of Nations ezoqala ngoJuni 21 e-Egypt njengoba enza kuhlungelwa lo mqhudelwano.